UMphemba ufuna ukubona awaKwaZulu-Natal enza kahle



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal uThami Ntuli uphonsele inselelob amaqembu akulesi sifundazwe amabili adlala kuMotsepe Foundation Championship ukuba anyuke esigabeni esiphezulu uma kuphela isizini ezayo.
Lokhu uNtuli ukuphimise ngoLwesibili kwelinye lamahhotela agudle ulwandle eThekwini kade kuthulwa ngokusemthethweni umqhudelwano waminyaka yonke iKZN Premier’s Cup. Lo mqhudelwano kulindele like ube ngempelasonto yokugcina kwephezulu, uzobanjelwa ePrince Mangosuthu Buthelezi Regional Stadium, Olundi.
Amaqembu abeqondise kuwo uNtuli iMilford FC neMaritzburg United.
“Ngifisa ukudlulisa umyalezo kulamaqembu amabili iMaritzburg United neMilford FC. Ngifisa ukubona iqembu elilodwa phakathi kwabo linqobo isicoco seligi iMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo. Ngifisa sande isibalo samaqembu adlala kuPremiership, isibalo sibuyele emaqenjini amahlanu” kusho uNtuli.
Nogcizelele ngokuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal singesihamba phambili kunobhutshuzwayo.
Phambilini amaqembu aKwaZulu-Natal abemahlanu kuPremiership kwaze kwaba ukuthi iMaritzburg United idliwa izembe yehlela ngezansi.
UNtuli uphinde waphonsela inselelo la maqembu adlala kwi-Premiership okubalwa iRoyal AM,iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay na-AmaZulu FC.
“Njengomholi wakulesi sifundazwe ngiyafisa ukubona iqembu elilodwa linqoba esinye sezicoco ezikhona kwi-Premier Soccer League. Bese wonke amaqembu alapha abalwe nayisi-8 aqede phezulu uma kuphela isizini,” kusho uNtuli.
Ngesizini edlule akungenanga ngisho nelilodwa iqembu laKwaZulu-Natal kuTop 8.
Ubalule ukuthi kuzomele balwe nlkuthithukiswa ibhola kulesi sifundazwe.
UNgqongqoshe weZemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula naye uvumelane noNtuli ukuthi amaqembu kumele abhukule kule sizini ezoqala.
“Okushiwo uNdunankulu kuliqiniso ngempela, amaqembu alapha esifundazweni kuzomele enze kangcono kakhulu. Sizohlala phansi sibone ukuthi siwaseka kanjani amaqembu ethu. Asifisi ukuzibona sineqembu ekuthiwa lidlilwa izembu, kunalokho sifuna ukubona liqukula inkomoshi,” kusho uKhawula.