Kusekuningi okumele kulungiswe – Nabi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ujabule wabuyela nganeno umqeqeshi weKaizer Chiefs FC uNasreddine Nabi emva kokuthi behlule iRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership.
Iqembu laseNaturena linqobe ngamagoli amabili kwelilodwa kulo mdlalo obuseNew Peter Mokaba Stadium ePolokwane izolo ebusuku.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi yize benqobile kodwa ubona usemuningi umsebenzi okusamele wenziwe.
“Siwatholile amaphuzu agcwele, futhi sidlale kahle khona kodwa ngeke ngakufihla ukuthi kunezindawo okusamele sizilungise. IChiefs iqembu elisezingeni eliphezulu, usakhumbula kusadlala uTshabalala (Siphiwe) noDoctor Khumalo kumele silibuyisele kulelo zinga. Sizokujabulela ukunqoba kwethu kodwa kumele siwalungise amaphutha ethu kancane kancane,” kubeka uNabi emvakomdlalo.
Amagoli eChiefs ashawe uWandile Duba alishaye ngesiwombe sokuqala, ngesiwombe sesibili u-Ashley Du Preez uze nelesibili. Umgadli osemncane weRichards Bay FC uYanela Mbuthuma ushaye elokubika, nebelokuqala elakhe kule sizini.
IChiefs iqede lo mdlalo isingasaphelele njengoba uReeve Flosler ethole amakhadi amabili aphuzu nenza ikhadi elibomvu.
Ukunqoba kwezikaNabi kuzinyusele endaweni yeyesithupha kulogi yeBetway Premiership njengoba sezinamaphuzu ali-10 emidlalweni eyisithupha. Kolandelayo zizophinde zibhekane neqembu laKwaZulu-Natal iRoyal AM, eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoMgqibelo ngele-17:30.
Ukuhluwa kweNatal Rich Boyz kufakele ingcindezi uBrendon Truter ongumqeqeshi njengoba iqembu lisendaweni engeyinhle kulogi. Leli qembu likaJomo Biyela lihlezi endaweni ye-14 ngamaphuzu amahlanu emdlalweni eyi-8.
Kolandelayo izodlala nomkhaya bayo AmaZulu FC kozoba seKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngoMgqibelo.