Now Reading
Lona kube unyaka obe nezilokotho ezinhle nongasoze ngawukhohlwa – Aphiwe
Dark Light

Lona kube unyaka obe nezilokotho ezinhle nongasoze ngawukhohlwa – Aphiwe

Intokazi yaseHammarsdale u-Aphiwe Thusini engumdlali webhola lomnqakiswano ithi kusukela yaqala ukudlala lo mdlalo ayikaze yenze kahle ukudlula lonyaka osalelwe amasonto ukuthi usongwe.

Le ntokazi esukile phansi ngokwethambo, iveze lokhu kade ikhuluma nelaboHlanga kade kunomcimbi wokumenyezelwa abadlali abaqokile emdlalweni womnqakiswano esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Ukukonyeliswa kwabadlali kuzoba kusasa ngehora lesithupha kusihlwa eGarden Court Marine Parade, eThekwini. Kulo munxa u-Aphiwe uqokwe noGrace Delay we-BSS Netball Stars kanye noNozipho Ntshangase weZiphozonke.

“Lo nyaka kube unyaka omuhle kakhulu, ngoba ngingasho ukuthi bengiqala ukudlala iNetball ngalelizinga engidlale ngalo, kuningi engikuzile. Ngiqokwe amahlandla amane njengomdlali ovelele emidlalweni ye-Telkom Netball League (TNL), okuyiligi kazwelonke. Ngibe sengiqokwa njengeBest Shooter of the Tournament kuyona iTNL, ngabe sengibizelwa eqenjini lesizwe elincane” kusho u-Aphiwe.

Uphinde wabalula ukuthi kumthusile ukuzibona eqokwa kumunxa weSportwoman of the Year, kumaKZN Netball Awards.

“Ukukhuluma iqiniso bengingakulinde ukuthi ngingase ngibalwe nabaqokwa kumunxa omkhulu kangaka. Lokhu kungivezela isithombe sokuthi abeKwaZulu-Natal Netball bayayilandelela imisebenzi yami emihle” kusho-Aphiwe.

Uveze ukuthi ayinaso isikhathi eside yaqala ukuzibandakanya nalo mdlalo njengoba iqale ukuwudlala ngonyaka wezi-2021.

“Empeleni bengingazi lutho ngalomdlalo ngibonga kakukhulu ungcendo lukaSthambiso Mnwave owangifaka kulo mdlalo. Emvakwalokho angibange ngisabheka emumva ngaba nothando olukhulu ngalo mdlalo. Angikuboni kukhona into engangihlukanisa nawo” usho kanje.

See Also

Amaqembu esewadlalelile, iHammarsdale Sunbeams adlala kuyo manje, Umgungundlovu District Netball, wadlala kwimidlalo yaminyaka yonke ama-South Africa Local Government Association (Salga) neKwaZulu-Natal Kingdom Stars. Okukhulu kakhulu uke wathola ithuba lokuba sekhempini yeqembu lesizwe elincane.

Uthe unephupho lawo wonke umuntu okungudlalela iSpar Proteas, okuyiqembu elikhulu lesizwe.

“Kukho konke ngibonga kakhulu uMama wethu uGugu Ngema onguMengameli waKwaZulu-Natal Netball , ngokusinika ithuba nokwenza isiqiniseko sokuthi lo mdlalo uyaqhubeka uba khona esifundazweni phezu kwezinkinga onazo”

Uma ufisa ukuvotela le ntokazi ungangena kwisizindalwembu (website), ethi kznnetball.co.za. Ukuvotwa kugcinwa ngele 23:59 namuhla ngolwesine.

Scroll To Top