Kube imbudlu yamagoli kowomkhaya bazeKZN
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abazisolanga nhlobo abathandi bakanobhutshuzwayo abaqhubekile nokulinda umdlalo weRoyal AM neLamontville Golden Arrows, njengoba ube nezigigaba eziningi okubalwa namagoli amane.
Ngokomthetho lo mdlalo bekumele uqale ngele-19:30 kodwa ugcine usuqala ngele-21:00, okuyimbangela yalokho isiphihli sengozi ebesenzeke kumgwaqo omkhulu u-N3 lokho kudale ukuthi onompempe neLamontville Golden Arrows bengafiki ngesikhathi enkundleni.
Lo mdlalo obubanjelwe eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ugcine ukwazile ukuqala ngesikhathi amaqembu womabili avumelane ngaso. ILamontville Golden Arrows ebivakashile iyona egcine inqobe ngamagoli amathathu kwamabili.
IRoyal AM iyona ethole igoli kuqala nelivalelwe phakathi uSibusiso Magaqa kusaphele imizuzu emithathu umdlalo uqalile, kuyiwe ekhefini kusangene leli goli kuphela.
Ngesiwombe sesibili uMabhuti Khenyeza ufake uRyan Moon obedlala umdlalo wakhe wokuqala kule sizini, ngomzuzu wama-72 uvalele phakathi iphenathi kuthe emva kwemizuzu emibili wanqofela elesibili.
UThabo Matlaba ngomzuzu wama-85 ushaye elokulinganisa okube iphenathi, akuphelanga isikhathi esingakani Abafana Bes’ thende bathola elesithathu nokube isibhudubhudu kwaze kwathiwa kube elikaZukile Mkhize okube umkhonto ogwaze ekhaya.
IThwihli Thwahla (IRoyal AM) iqede lo mdlalo ingasaphelele njengoba uMotebang Sera evimbe ibhola ngezandla wabe esethola ikhadi elibomvu.
Kweminye imidlalo iTS Galaxy inqobe okokuqala kule sizini ngamagoli amathathu kwelilodwa ihlula iSekhukhune United, iChippa United idlale ngokulingana neSupersport United.