Now Reading
AmaZulu FC asethule abaxhasi abasha
Dark Light

AmaZulu FC asethule abaxhasi abasha

Iqembu lakweleNdlovukazi AmaZulu FC, asethule abaxhasi abasha njengoba sekusemome ukuqala kwesizini entsha ka-2024/25.

Labo baxhasi inkampani ebizwa ngokuthi-Amandla Mobile.

Emasontweni edlule uSihlalo waleli qembu uSandile Zungu watshela abezindaba ukuthi ligqashukile igoda phakathi kwabo nalabo akade bengabaxhasi okuwuSpar noGrindrod. USpar ubusuqede iminyaka engaphezulu kweminyaka engama-40 uxhase AmaZulu FC, uGrindrod wona uqale ukuxhasa leli qembu ngonyaka wezi-2021.

Lo mcimbi ububanjelwe ngaphandle kwenkundla iMoses Mabhida Stadium, okuyikhaya lawo-AmaZulu FC. UNgqongqoshe wezemidlalo kulesi sifundazwe uMntomuhle Khawula naye ubeyingxenye yomcimbi.

USuthu luphinde lwathula ijezi abazodlala kule sizini, okubalwa elasekhaya nelasekuhambeni kanye nelokudlala imiqhudelwano yemkhumulajezi. Leli jezi liqanjwe ngokuthi “Isagila”, nathe uZungu kusho ukuthi bazobe beshaya kwasani befuna amaphuzu kanye nokunqoba izinkomishi.

Akugcinanga lapho kodwa baphinde bathula ngokusemthethweni abadlali abasha, okubalwa uKwandakwensizwa Mngonyama, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, u-Etiosa Ighodaro, uLuvuyo Phewa noBoniface Haba.

See Also

Kubuye kwathulwa abadlali ababili abancane uThato Matli noLernado Roy okuthiwa bazobolekiswa ukuze bezokhula.

Kuphindwe kwathulwa u-Aubrey Vilakazi ozoba ngumqeqeshi wonozinti emva kokuthi leli qembu lihlukene noWayne Sandilands. UVilakazi usuka eqenjini elidlala kwi-Dstv Diski Challenge (DDC), lalo uSuthu.

Scroll To Top