OweZimnyama akafuni bathathe kancane iCR Belouizadad
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro akafuni nakancane abadlali bakhe beyithathe kancane iCR Belouizadad, njengoba kubukeka ingayiqalanga kahle isizini ka-2024/25.
La maqembu kulindeleke ukuthi atholane phezulu kumdlalo weCaf Champions League okungowokuqala kwisigaba samaqoqo. Lo mdlalo uzoqala ngehora le-9 kusihlwa, eStade du 5 Julliet, e-Algeria.
“ICaf Champions League ingumqhudelwano ohlukile, ingakho ungeke ukujabulele ukungenzi kahle kweqembu osuke uzobhekana nalo. IBelouizdad ayiyiqalanga kahle isizini, kodwa muva nje siyibona isiyiqembu elihlukile okuwubufakazi balokho ngomdlalo odlule inqobe ekuhambeni ngamagoli amathathu kwelilodwa” kusho uRiveiro.
Kulogi yase-Algeria iCR Belouizadad isendaweni ye-12 inamaphuzu ali-10 emdlalweni eyi-8.
UKhanyisa Mayo ongumgadli wayo iCR Belouizadad ungomunye wabadlali okulindeleke ukuthi abe uhlupho kwizitoba zePirates, kwazise uyazazi njengoba ngesizini edlule ubedlala kwiBetway Premiership esakwiCape Town City.
IPirates isefomini enhle kakhulu njegoba nakwiligi ingayazi induku, ukugcina kwayo ukuhlulwa yahlulwa iMagesi FC koweCarling Knockout.