Akumkhathazi umdlali olokhu ebolekiswa emaqenjini ahlukene



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ngonyaka wezi-2020 ngesikhathi esayiniswa iMamelodi Sundowns esuka kwiReal Kings engasekho kwakubhekwe ukuthi uyokwenza lukhulu kuleli qembu laseChloorkop.
Lowo mdlali nguLuvuyo Phewa, ngaleso sikhathi wabe eneminyaka yobudala engama-20, egila izimanga eyibambe esiswini emuhle futhi nasekushayeni igoli.
Wathi uma efika kwiSundowns yabe isimbolekise ngenhloso yokuthi iyamkhulisa, yamnyisa kwiChippa United, iPretoria University (Tuks), kwaba iCape Town Spurs edliwe izembe ngesizini edlule kwiBetway Premiership ebisabizwa ngeDStv Premiership.
NgoMsombuluko uPhewa ubekhona ngesikhathi AmaZulu FC ethula abadlali abayisikhombisa abasha.
Ebuzwa ukuthi akumkhathazi yini ukuthi iSundowns ilokhu imubolekisa uthe: “Anginaso isikhalazo sokuthi iSundowns ilokhu ingibolekisa. Kumele ngamukele lokhu abakushoyo. Uma bethi angize lapha kuMaZulu FC kumele ngize ngizokwenza lento engiyithandayo okuwukudlala ibhola” usho kanje ngamafuphi.
UPhewa oseneminyaka yobudala engama-24 uyibamba esiswini lapha kwiSundowns lendawo adlala kuyo kukhona uTeboho Mokoena, uSipho Mbule, uMarcello Allende, uSphelele Mkhulise, uLebohang Maboe noBathusi Aubaas.
Uthe ufuna ukwenza kahle lana kuMaZulu njengoba ehlezi enza kulamaqembu abedlala kuwona.
“Kuyangijabulisa ukuthi ngibuye ngizodlalela iqembu lalapha ekhaya engizalwa khona. Ngizimisele ukwenza kahle, ngiziphathe kahle, ngihloniphe. Ngilimele kodwa ngizokwazi ukuthi ngizilungiselele isizini entsha neqembu” usho kanje.
Omunye umdlali obolekiswe iSundowns kuMaZulu FC u-Etiosa Ighodaro naye othulwe ngoMsombuluko.
Kwabanye abadlali Usuthu elibathulile uKwanda Mngonyama, uBoniface Haba, uSenzo “Mbhobho” Ndlovu, uLeonardo Roy noThato Matli.
URoy noMatli bazobabolekisa bona ukuze bezobuya sebevuthiwe.
UPhewa waKwaNyuswa kuSuthu uzobanga indawo no-Ethan Brooks, uBen Motshwari, uCelimpilo Ngema noSiyanda Hlangabeza.