Now Reading
UNgunezi ukhala ngesiko lebhola lakuleli eliqedwa ngabaqeshi bangaphandle
Dark Light

UNgunezi ukhala ngesiko lebhola lakuleli eliqedwa ngabaqeshi bangaphandle

UMengameli weThekwini Region uMazwi Mkhize kuyamkhathaza ukugcwala kwabaqeqeshi bangaphandle kuleli.

UMkhize ubengomunye obeyisikhulumi sosuku izolo ngoLwesibili kwelinye lamahhotela aseThekwini, lapho kade kwethulwa ngokusemthethweni iZLM Project Cup okungumqhudelwano ozodlalwa amaqembu akuSafa ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal.

“Kuyangikhathaza kakhulu ukuthi silanda abaqeqeshi bangaphandle, uma sebefikile bashintshise abadlali indlela yokudlala. Uma ungabheka eSpain usiko lwakhona ukugcina ibhola, eBrazil noma ngithi eSouth America yonke amaqembu akhona adle ngebhola lomjiko kusukela kudala. Mina ngikhule kudume ibhola lomjiko kuleli. Ngikubalele abadlali abambalwa nje oMlungisi Professor Ngubane, oShaka Ngcobo, oTeenage Dladla noMasterpieces Moripe engikholwa ukuthi akekho umdlali oyoke afike kubona ngomjiko. Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi balibulele abaqeqeshi bangaphandle ibhola laseNingizimu Afrika” kusho uMkhize.

Eqhuba uthe: “Uma ubheka iqembu lesizwe labesifazane nabesilisa baseSpain, base-England nabaseBrazil, badlala into eyodwa ngoba basakholelwa osikweni labo. Uma kuwukuthi abaqeqeshi bangaphandle bayazi kakhulu kungani singebona ompetha base-Afrika. Inkinga ekhona ukuthi noma ubani uma eqhamuka eSpain noma kwelinye lamazwe aphesheya sivele simfonqele isigqoko simhloniphe” kubeka uMkhize. 

Ubalule ukuthi namanje isamudla eyokuthi u-Enerst “Mazinyo” Middendorp waseGermany wagxeka u-Asanda “Scara” Ngobese ethi alikho ibhola alidlalayo.

“Ngingababali labadlali abadala kakhulu uNgobese ungomunye wabadlali owawuthakasela ukumbuka, ngoba wayekwazi ukususa indoda iqembu lithole igoli. Kodwa wafika uMiddendorp wamniphiza emgxeka wabulala ibhola lakhe. Kusukela lapho kwabheda ngaye. Baningi abadlali kuleli abanekhono inkinga abakwazi ukubonakala ngenxa yokuthi sesinikeze abaqeqeshi bangaphandle amandla angena sidingo” kubeka uMkhize. 

See Also

UMkhize uthe isixazululo salokhu sinye ukuthi abaqeqeshi bakuleli abafundele ukuthola iziqu ezinkulu zokuqeqesha ukuze bezobuyisa isiko lethu lakudala. 

“Uma kungathiwa sinabaqeqeshi abaningi balapha eNingizimu Afrika kuPremier Soccer League (PSL), nginethemba lokuthi lingabuya isiko lethu lakudala. Kuyimanje lilodwa iqembu elibukekayo okuyiMamelodi Sundowns, eqeqeshwa abaqeqeshi bakuleli. Ngeke kufike umqeqeshi wangaphandle ethi akushawe ibhola, kanjani singenabo abadlali abade njengoHaaland. Abadlali bethu bafishane silidinga phansi ibhola. Sekunzima nokuya ezinkundleni manje, ngoba aligculisi ibhola elidlalwayo manje” kubeka uMkhize. 

Scroll To Top