Intaka ibekelwe amazolo kowabakhaya eKing Zwelithini
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke umdlalo oshilubile phakathi komkhaya basesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC neRoyal AM.
La maqembu azotholana phezulu kusasa ngoMgqibelo emdlalweni weDStv Premiership, lo mdlalo uzobanjelwa eKing Zwelithini Stadium ngelama-20:00.
Imbangela yokuqala ezokwenza lo mdlalo ushube ukuthi uma amaqembu angandawonye etholene phezulu, alikho elisuke lifuna ukuhlulwa kalula noma kuthiwa alenzi kahle.
Okwesibili ukuthi iRichards Bay FC ezobe idlala ekhaya izofuna ukuthi iziphindiselele njengoba kumlenze wokuqala yakhala ngaphansi ngamagoli amathathu kwamabili. Amagoli eRoyal AM amabili eza noMxolisi Machuphu elilodwa leza noThabo Matlaba, aweNatal Rich Boyz (iRichards Bay) leza noMatlaba okwaba umkhonto ogwaza ekhaya noSanele Barns.
Imbangela okubukeka kuyiyo enkulu kunayo yonke ukuthi ushube lo mdlalo owokuthi ilelo nalelo qembu lilwele ukuthola amaphuzu amathu ukuze lizobaleka ezembeni.
IThwihli Thwahla (Royal AM) emva kwemidlalo eli-16 inamaphuzu ali-19 kulogi ihlezi endaweni ye-14, iNatal Rich Boyz yona emidlalweni eli-17 inamaphuzu ali-13 ihlezi endaweni ye-15.
Iqembu elivale emsileni omakoti iCape Town Spurs enamaphuzu ayisikhombisa nje kuphela emdlalweni eli-17.
Ephawula ngalo mdlalo umqeqeshi weThwihli Thwahla uJoh Maduka, uthe bawulindele lo mdlalo akholelwa ukuthi uzoba nzima.
“Umdlalo womkhaya uhlezi unzima, ngalokho lo mdlalo ngeke uze ubelula neze kuwona womabili amaqembu. IRichards Bay FC yize ingenawo amaphuzu amaningi kodwa iyiqembu elidlala kahle kakhulu, bazolwela ukunqoba ukuze bezosuka lapho abakhona. Nathi sizilungiselele kahle, ngoba umdlalo nomdlalo siwuthatha njengowamanqamu” kushl uMaduka.
Lo mqeqeshi uthe okwenzeka kumlenze wokuqala umdlalo uphele ngamagoli nakulo mdlalo uyakubona kwenzeka.
Imidlalo yeDStv Premiership ihlelwe kanje:
Namuhla:
- iStellenbosch FC neChippa United eDanie Craven Stadium ngele-19:30
Kusasa:
- iPolokwane City ne-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngele-15:30
- iKaizer Chiefs neMoroka Swallows eFNB Stadium ngele-17:45
- iRichards Bay FC neRoyal AM eKing Zwelithini Stadium ngele-20:00
- NgeSonto:
- iCape Town Spurs neTS Galaxy e-Athlone Stadium ngele-15:30.