Unxuse umphakathi ngokuvikela ingqalasizinda yamanzi uMphemba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IMeya kaMasipala weSifunda iKing Cetshwayo uMnu uThamsanqa Ntuli udonse abantu baseMfolozi ngendlebe ukuthi kumele kube yibo abavike ingqalasizinda ukuze izinkinga zamanzi zizosheshe ziphele.
UMnu uNtuli ubalule lokhu izolo ngesikhathi kade ehambele uWard 3 kumasipala waseMfolozi ukwethula ngokusemthethweni uhlelo lwamanzi olubizwa ngokuthi iMbonambi Water Reticulation Phase 2, noludle imali elinganiselwa ezigidini ezingama-R33,6.
“Kuyajabulisa ukuthi lugcine lufikile usuku lokuthi kuthulwe lolu hlelo lokusizakala kwabantu ngamanzi. Kufuze ingabe kade kwenzeka inkinga kunabantu abaganga balimaza ingqalasizinda. Ngalokho ngishaya ikhwela kubona bonke abantu bakithi ukuthi kube yibo abazigadelayo ingqalasizinda ngoba eyabo isiza bona,” kusho uMnu uNtuli.
IKing Cetshwayo ibalwa njengesifunda esihamba phambili ekulweni nokuthi amanzi ufike emagcekeni abantu.
Ngalolu hlelo obelenziwa eMfolozi kuvela ukuthi kuzosizakala imizi elinganiselwa kwengama-711.
“Akugcinanga ngokuthi kusizakale abantu ngamanzi kodwa kuphinde kwavuleka amathuba emisebenzi kubantu abangaphezulu kwabangama-43. Kanti abanye abama-20 abengeziwe bathole ukuqeqeshwa okugunyaziwe emkhakheni wezokushisela,” kuqhuba uNtuli.
UMnuz uNtuli kanye nethimba lakhe khona izolo badlulele eMthonjaneni kuWadi 3, nakhona bebeyolungisa umonakalo wamanzi ngaphansi kohlelo lwamanzi olubizwa ngeBhadaza Spring noludle izigidi ezi-R2,3.
Namhlanje ngoLwesithathu bekunezinhlelo ezimbili olokuqala beluseZimpisini Hall kuWadi 12 eNkandla ngaphansi kohlelo lwamanzi olubizwa ngeMuthiwezintombi Spring oludle izigidi ezi-R2,2.
Indawo yesibili kube iseThaleni Hall, kuWadi 3 khona eNkandla ngaphansi kohlelo lwamanzi olubizwa ngeThaleni Spring lona oludle izigidi ezi-R2,7.