Now Reading
Selithe laguqa ithole lakwaMkhonza ebeSiphiwe lona
Dark Light

Selithe laguqa ithole lakwaMkhonza ebeSiphiwe lona

Sekuvele ukuthi akasekho emhlabeni uSiphiwe Ignatius Mkhonza owagqama kakhulu kuKazier Chiefs.

Phambilini uMkhoza obesedume ngelika “Dr Mnandi”, uke waxineka kakhulu ukugula kodwa wagcina elulama.

UMkhonza waseSprings, eGoli udlule emhlabeni eneminyaka yobudala engama-45.

Waqala ukudlala ebholeni elikhokhelayo ngonyaka we-1999 nalapho ayedlalela khona iBloemfontein Celtic. Wabe esedlulela  kuRia Stars, iLamontville Golden Arrows, iChiefs, iSuperSport United, iMaritzburg United, AmaZulu FC neBlack Leopards.

Ngesikhathi esadlala wabe edlala emuva, kanti walunguza naseqenjini lesizwe iBafana Bafana.

Izinsuku zakhe zokugcina uzichithe kwaSabc lapho ebesebenza khona njengomhlaziyi webhola.

Ubehlaziya imidlalo yePSL aphinde abonakale kuSoccerZone no-Andile Ncube njalo ngoMsombuluko.

See Also

Ubengapheli nasohlelweni lukaNcube lwezemidlalo kuMetro FM. UMkhonza uzalwa yinkakha yebhola uJoseph “Skheshekheshe” Mkhonza owazakhela igama ecija iqembu lesizwe lebhola lakuleli labesifazane, iBanyana Banyana.

Omunye wabangani bakaMkhonza utshele leli phephandaba ukuthi akasekho emhlabeni.

“Iyadabukisa indaba kaSkizo mfethu. Ubusuyizwile? Akasekho emhlabeni. Umndeni wakhe ngicabanga ukuthi uzoqinisekisa yonke into ekuhambeni kosuku namhlanje. Ushonele esibhedlela namuhla ekuseni,” kusho lo mngani ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe.

Scroll To Top