ITS Galaxy ingase ihlangabezane nezimbila zithutha kuBafana Besithende ngempelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMabhuthi Khenyeza uthi kulokhu bazobhukula ekutheni bengashawa induku eyodwa.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lizotholana phezulu neTS Galaxy koweNedbank CupITS, lo mdlalo uzokuba ngoLwesihlanu eHammarsdale, eMpumalanga Stadium, libumbene elesi-7 kusihlwa.
La maqembu azotholana koweLast 32 nje ngeledlule abetholene phezulu koweDStv Premiership, nalapho iTS Galaxy inqobe ngamagoli amathathu kwelilodwa. Nakumlenze wokuqala iTS Galaxy yabuya nawo iphelele amaphuzu njengoba yanqoba ngamagoli amabili eqandeni.
“Ngeke sivume ukuthi sihlulwe kathathu iqembu elilodwa. Ngingasho ngithi kwesinye isikhathi senza amaphutha bese beyasijezisa. Uma singanciphisa amaphutha singakwazi ukumelana neTS Galaxy. Nangempelasonto edlule silishaye kuqala igoli kodwa sase siyabadedela ukuthi babuye emdlalweni. Ngijabule ngokudlala neGalaxy, kuzoba yinselelo entsha futhi kuzoba umdlalo ohlukile. Sizokwazi ukuphendula izinto. Kancane kancane siyafunda ukuthi kumele sibhekane kanjani nabo” kusho uKhenyeza obhinjelwa izinto
I-Arrows kusukela ngoLwezi nyakenye ayikaze inqobe yahlulwa AmaZulu FC koweCarling Black Label Cup yabe isihlulwa emidlalweni eyisikhombisa yeligi.
“Imiphumela ayisivumi kodwake iyona ndlela yokuthola isipiliyoni, ngoba isipiliyoni asithengwa ebholeni. Izimo ezikanjena izona ezikukhulisayo uma umdlali noma umqeqeshi. Abaqeqeshi abanamava abalalanga bavuka sebebakhulu. Wonke umuntu ukhuluma ngoPep Guardiola, kodwa uma ungaphindela ubheke irekhodi lakhe eqeqesha iFC Barcelona, uzobona cishe wahlulwa imidlalo eyisithupha kulandelana. Wonke umuntu useyamazi manje ngoba esenqoba,” kusho uKhenyeza.