Bayivule kahle eyochunge abakuleli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lakuleli lekhilikithi yabangaboni liyivule ngokunqoba imidlalo yochungechunge ebhekene kuyona neNew Zealand.
Le midlalo ebanjelwe lapha eNingizimu Afrika, iqale izolo. La mazwe azotholana phezulu emidlalweni eyisithupha yeT20 bese ephinde etholane kowodwa we-One Day International (ODI).
Emdlalweni obubanjelwe ePirates Sports Club, eGoli elakuleli linqobe ithosi laqoka ukuthi kube ilona elishaya kuqala amabhola, nokulisebenzele iqembu lasekhaya.
UBuhle noLwande Bhidla babeke ebhodini amaruns ali-180 ngokuhlanganyela, iNingizimu Afrika igcina ibeka amaruns ali-192 kuphume ababili kuphela.
UBuhle emabholeni angama-54 ukwaze ukushaya amaruns angama-71, uLwande yena wabeka amaruns angama-83 emabholeni angama-65.
INew Zealand ibe isingena ekubeni ishaye amaruns ali-193, kodwa uSiya Mahlikihla ongumshwibi wakuleli usheshe wathola amawikhethi amabili okufake ingcindezi kwizivakashi.
Izivakashi zizamile ukuhlasela njengoba uMark Flowerday ebeke ebhokini amaruns angama-49. UReme Kampher naye uwatholile amawikhethi.
INingizimu Afrika igcine inqoba lo mdlalo ngamaruns angama-80.
Umdlalo olandelayo uzokuba ngele-10 ekuseni namuhla.