UMtimande udinga unompempe onamava koseWema ngempelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenza Ngwenya, uthe umdlalo ophakathi koMkhumbane Classic neNjampela FC uzodlaliswa unompempe odlalisa esigabeni esiphezulu.
Lo mdlalo wala maqembu kule mpelasonto iwona obhekwe kakhulu kulesi sigaba njengoba womabili esembangweni wokuqeda phezulu kulo iQoqo A. Kusukela ngoMsombuluko ezinkundleni zokuxhumana kukhulunywa ngawo.
Kulindeleke ukuthi igcwale phama inkundla iSJ Smith (eWema), kusasa ngoMgqibelo uma esetholene phezulu kulo mdlalo okulindeleke uqale ngele-12 emini. Womabili amaqembu athembise ukukhipha abalandeli azobeseka.
“Lo mdlalo ungobhekwe kakhulu ingakho siqoke ukuba udlaliswe unompempe onamava. Womabili amaqembu azobe elwela ukuthola amaphuzu agcwele, azokwenza konke ukuthi ayawathola ngalokho kudingeka umuntu odlalisayo kube oqine ukhakhayi” kusho uNgwenya engxoxweni abenayo nelaboHlanga.
INjampela FC yaKwaNongoma ihlezi phezulu ngamaphuzu angama-34 emva kwemidlalo midlalweni eli-13, uMkhumbane Classic waseThekwini wona ube namaphuzu angama-28 emva kwemidlalo eli-12.
UMkhumbane Classic usalinde isinqumo esiqhamuka kuSAFA, mayelana nomdlalo wabo neStone Breakers ongaphelanga.
Okwenza ukuthi ungapheli ingoba uMkhumbane Classic kaSthembiso “Mashalofu” Mabaso wathola iphenathi iStone Breakers yancamela ukuphuma enkundleni lapho kwase kusele imizuzu eli-13 umdlalo uphele.
“Ngingasho ngiqinisekise ukuthi isinqumo ngaleli cala sizophuma kusasa ntambama. Njengoba ngasho kuqala isizini akumele kube khona amaqembu azosala ngemuva. Yonke imidlalo kumele iphele ngosuku olulodwa” kubeka uNgwenya.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma nomqeqeshi weNjampela FC uTsepo Mostoeneng, nothe akukho okuhlukile ngalo mdlalo.
“Zikhona izinkulumo eziningi ngalo mdlalo kodwa iqiniso ukuthi iyona iClassic ekumele izixake ngathi ngoba singaphezulu kwayo, akumele kube ithina esizixaka ngayo. Indlela ebesiziqeqesha ngayo iyafana njengokuthi siyodlala neDurban Pioneer noma iSummerfield Dynamos. Ukuphumelela kwethu akukhona ukuhlula iClassic kodwa ukuqeda phezulu makuphela isizini bese singagcini lapho siphinde siyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal kowokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship” kubeka uMotsoeneng.
Lo mqeqeshi uthe bawathola amaphuzu agcwele kumdlalo wokuqala, ukholwa ukuthi bangaphuma bewaphethe ngesandla futhi eWema.
“Bonke abadlali bawulindele lo mdlalo bayazi ukuthi yini esiyifunayo, okuhle futhi ukhakhayi labadlali bethu luqinile. Izinkulumo zabantu ngeke zibaphazamise ekutheni bangasakwazi ukwenza kahle ngoMgqibelo” kusho uMotsoeneng.
Isiyonke imidlalo ye-Safa ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal uhlelwe kanje:
Iqoqo A
Namuhla ngoLwesihlanu:
- IMidlands Wanderers FC neSummerfield Dynamos FC eHarry Gwala Stadium ngele-14:00.
- IStonebreakers FC neDlangezwa Hellenic FC e-Edgewood Campus Ground ngele-12:00.
Kusasa:
- IMkhumbane Classic FC neNjampela FC eSJ Smith Stadium, ngele-12.
- I-Asande FC ne-Oyzn Academy FC
- eDarnal Soccer Field, ngele-13:00.
- IMuzi King Masters FC neDurban Pioneers FC eDarnal Soccer Field ngele-15:00.
Iqoqo B
Kusasa:
- IDrakensburg FC neRemax Address Friends FC eKandahari Stadium ngele-15:00
- UMsinga United FC ne-Ethekwini Coastal F.C Umzisho Stadium, ngele-15:00
- Umvoti FC noMkhambathi FC eKing Edward Stadium ngele-15:00
- ICHESS F.C neSwayimane United fc Osizweni Stadium ngele-15:00.
NgeSonto:
- iNewcastle All Stars FC neTitanic FC
- E-Arbor Park Stadium ngele-15:00.