Elakuleli liwole izindondo ekhilikithini yabaphuphuthayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lakuleli lekhilikithi labanokukhubazela emehlweni libukise ngeNew Zealand, liyihlula kuyona yonke imidlalo.
La mazwe atholane phezulu emidlalweni eyisithupha yeT20 International nowodwa we-One Day International (ODI), le midlalo yonke ibibanjelwe eGoli.
Ngokwenza kwakhe kweNingizimu Afrika kwenze abadlali bayo babutha cishe yonke imiklomelo emva kokuphela kwale midlalo.
Ikhilikithi yabakhubazeke emehlweni yasungulwa ngonyaka we-1996, nelakuleli ngawo lowo nyaka laba nalo iqembu lalo.
Umdlalo weBlind Cricket uhluke kancane nomdlalo wekhilikithi lena ejwayelekile.
Kunezigaba ezintathu zabadlali kwiqembu leBlind Cricket, lezo zigaba zibizwa ngoB1, ngoB2 nangoB3.
KuB1 umdlali lowo osuke engaboni nhlobo, kuB2 usuke ebona kancane kuB3 yena usuke ebona kancane kakhulu.
Ibhola elisetshenziswayo kwiBlind Cricket liyiplastiki oqinile omhlophe onezintsimbi ezincane ngaphakathi, lezi zintsimbi zisiza abadlali ngokuzwa ukuthi lingakephi ibhola khona bezokwazi ukuthi basheshe balithole uma befuna ukulivimba noma befuna ukulishaya.
Omunye umehluko okhona indlela abadlali abashwiba ngayo, kwiBlind Cricket ibhola lidedelwa ngaphansi kwehlombe futhi kumele liqale ukuthinta phansi kwi-pitch ngaphambi komugqa odwetshe phansi.
Nalowo osuke eshwiba uyambuza lona ozoshaya ibhola ukuthi ngabe umi ngomumo yini.
Naba abadlali abakonyelisiwe kuloluchungechunge lwemidlalo:
KuB1: Umshwibi wochunge:
- uMathula Dlamini
Umthuhluzi wochunge:
- uSphelele Khalala
KuB2: Umshwibi wochunge:
- uReme Kampher
Umthuhluzi wochunge:
- uBuhle Bhidla
KuB3: Umshwibi wochunge:
- uSiya Mahlikihla
Umthuhluzi wochunge:
- uLwande Bhidla
Izikhathi ezibabazisayo:
- uMark Flowerday waseNew Zealand
Umdlali wochunge:
- uBuhle Bhidla