Now Reading
Ibohlololo – Umdlalo womkhaya baseSoweto ngabe usuthambekele kuleli zinga
Dark Light

Ibohlololo – Umdlalo womkhaya baseSoweto ngabe usuthambekele kuleli zinga

Hamba minyaka ubani owayazi ukuthi ngelinye ilanga kothi uma kuzodlala omkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kuthulakale nje eNingizimu Afrika.

Lo mdlalo eminyakeni edlule bekuthi uma uzodlalwa ngempelasonto kukhulunywe ngawo kusukela ngoMsombuluko kuze kuba kufika usuku lawo. 

Ngikhumbula kahle ngifunda ePhakama Primary School, kwakuthi iSoweto Derby uma izodlala ngesikhathi sekhefu ngeke sidle sizovula isikokelo sikhuluma ngawo lo mdlalo. 

NgoLwesihlanu sasiqala eyethu iSoweto Derby ngoba labo abaseka iChiefs babeba bodwa kuthi nabaneseka iPirates babebodwa. Ngisho othisha babefika begqoke imifaniswano yamajezi alamaqembu amabili.

Kwakuthi ngoMgqibelo ekuseni kuqhume amahuthi, amatekisi amanye kuphephezela amafulegi alamaqembu. Kweminye imizi phezu kwezindlu kwakuba namafulegi. 

Ngamafuphi lo mdlalo wawudlalwa abalandeli kakhulu ungakangeni nje enkundleni. 

Okunye abantu bebehlangana beqashe amatekisi beye eGoli beyobuka yona njalo iSoweto Derby. 

Kwakuthi uma usuqalile umdlalo kuthulakale emgwaqeni abantu begcwele ezindlini beyothamela umdlalo, uzobe usuzwa ngomsindo wevuvuzela uma iqembu lishaye igoli. Kuzothi ngekhefu kuphunywe kugcwale umgwaqo kuzokhulunywa ngokwenzeke ngesiwombe sokuqala.

Emva komdlalo uma iqembu lakho lihluliwe wawungafuni nokuphumela emnyango, ngoba uyazi uzohlekwa izinyembezi zigcwale amehlo. Kwakuze kushaye uMsombuluko olandelayo kukhulunywa ngalo mdlalo.

See Also

Uzwe abasebenzayo bethi eyi usayoba ihlanya emsebenzini ngenxa yokuthi iqembu lakhe lihluliwe. 

Phezu kwakho konke yayiba mnandi iSoweto Derby, ngoba akekho owayefuna ukuhlulwa.

Lokhu kungishiya nombuzo wokuthi yini okumele yenziwe ukubuyisa isithunzi seSoweto Derby. Noma ukwenza kahle kweMamelodi Sundowns okwenze lo mthelela. 

Buka nje iyadlala kule mpelasonto kodwa abantu bakhuluma kakhulu ngomdlalo weLiverpool FC neManchester City okungamaqembu ase-England. 

Scroll To Top