Zizwakele izigi zeNdlovu kwelokuchibiyela eNewcastle
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abalandeli beqembu eliphikisayo esifundazweni iKwaZulu-Natal okuyi-Inkatha Freedom Party (IFP) baqhubekile nokwenzela leli qembu iqiniso.
Ngeledlule abalandeli be-IFP bagcwalise phama inkundla iMoses Mabhida Stadium, lapho kwabe kunolukhulu ungabazane ukuthi bengayigcwalisa yini.
Ukugcwalisa kwe-Inkatha iMoses Mabhida Stadium bekuwuzokuthula umqulu wezikhongeli obunaphuzu ali-13, okuyiwo abahlose ukudla ngamabala ngawo njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelonke oluzokuba mhla zingama-29 kuNhlaba.
Izolo bekunokhetho lokuchibiyela kumaWadi amathathu ngaphansi kukaMasipala waseNewcastle. Ukhetho lokuchibiyela beluyizolo kumaWadi 12, 19 no-23.
Inkatha kuwona wonke la maWadi amathathu inqobe ngamalengiso. KuWadi 12 inqobe ngamavoti ayi-1973 kulandele i-African National Congress (ANC) ngama-763, kwaba iTeam Sugar South Africa (TSSA) ngama-256, kwaba i-IND ngali-124, i-Economic Freedom Fighters (EFF) ngama-94, i-APEMO ngamathathu kwaba iTRUTH ngamabili.
KuWadi 23 khona inqobe ngamavoti ali-1498, i-ANC yaba nangama-315, iTSSA ama-213, i-IND ali-150.
Kwathi kuWadi 19 ngamavoti ayi-1566, kwalandela i-ANC ngama-732, iTSSA yaba nali-137, i-EFF angama-65 kwathi iTruth yaba namathu.
Kusukela ngonyaka wezi-2021 Inkatha isikwaze ukuthatha amaWadi ali-14 akade ephethwe i-ANC.