Now Reading
Uchelwe ngezibusiso zakoShenge umjaho owaqanjwa ngoMntwana
Dark Light

Uchelwe ngezibusiso zakoShenge umjaho owaqanjwa ngoMntwana

UMntwana uZuzifa Buthelezi kanye nomndeni wonke wakwaButhelezi bawunikeze izibusiso umjaho waminyaka yonke obizwa ngePrince Mangosuthu Ultra Marathon.

Lo mjaho uqanjwe ngomsunguli we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMntwana waKwaPhindangene Buthelezi onguyise wakhe uMntwana uZuzifa.

Nonyaka lo mjaho owasungulwa ngowezi-2019 uzobe ugijinywa okokuqala ngaphandle kwakhe uMntwana okhothame nyakenye.

UMntwana waKwaPhindangene ubehlezi eba yingxenye yawo lo mjaho, ohlelwe iBiggersburg Athletics Club.

Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mjaho esithangamini sabezindaba bekuseLangeni Hotel izolo ngoMsombuluko bekuhanjelwe iZinyane leSILO, iziMeya kanye nezinye izikhulu.

“Ngizizwa ngimncane njengoba ngikhuluma lapha nje ngabe kumi uMntwana waKwaPhindangene. kakhulu umndeni wakwaButhelezi lo mjaho siwunika izibusiso ngoba siyazi ukuthi uBaba wami, ubehlezi e

weseka ngayo yonke indlela kade esadla anhlamvana. Siyakholwa ukuthi nakulo nyaka uzoba impumelelo njengoba bekuhlezi kwenzeka eminyakeni edlule” kusho uMntwana uZuzifa.

Nonyaka lo mjaho uzokuba mhla zinhlanu kuNhlaba uzosukela eDundee ePrincess Magogo Building uphelele eNquthu Stadium. Uzoba namabanga ahluke kathathu elama-52km, nelama-21km kanye nelika-10km. Ilinganiselwa ezinkulungwaneni ezingaphezulu kwezingama-R750 imali ezonqotshwa ilabo abazobe beyingxenye yawo.

See Also

Kulindelwe ukuthi ungenelwe abasubathi abaqhamuka emazweni angaphandle okubalwa iKenya, iMozambique neZimbabwe.

Nyakenye, kwabesilisa intambo ishaywe uNtsindiso Mphakathi (02:56.29), kwabesimame kukhonye uShelmith Muriuki waseKenya (03:22.18).
Kwalika-21km kunqobe uJobo Khotoane (01:04.09) noNeheng Khathala (01:17.15).
Kwelika-10km uTebello Ramakongoane (29.22) noCacisile Sosibo (35.22).

UMntwana uZuzifa uphinde wabalula ukuthi indodana yakhe uZakithi ongumzukulu kaMntwana waKwaPhindangene uzogijima kulo mjaho ukuhlonipha umkhulu wakhe.

IMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane uthe: “Ukuba khona kwalo mjaho uzothuthukisa umnotho waseMzinyathi namaphethelo. Kubuhlungu ukuthi nonyaka lo mjaho uzokuba khona ngaphandle kaMntwana kodwa siyazi umoya wakhe uzobe unathi. Siyathokoza kakhulu ukuthi umndeni wakwaButhelezi usinikeze izibusiso zawo ngokuthi siqhubeke ukuqhakambisa igama likaMntwana waKwaPhindangene” usho kanje.

Scroll To Top