Now Reading
Kugcine etholakele ozodonsa imikhala kuSpar Proteas
Dark Light

Kugcine etholakele ozodonsa imikhala kuSpar Proteas

Kugcine kuphume igama likaJenny Van Dyk njengomqeqeshi omusha weSpar Proteas okuyiqembu lalapha eNingizimu Afrika leNetball. 

Iqembu leSpar Proteas belingenamqeqeshi kusukela uNorma Plummer abeka izintambo phansi ngoZibandlela.

INetball South Africa (NSA) okuyinhlangano ephethe lo mdlalo kulamasonto edlule ibimatasa ithungatha umqeqeshi ozohola elakuleli ngonyaka wezi-2027, okuwunyaka okuzobe kuneNdebe YoMhlaba eyokuba se-Australia. 

“Lolu hlelo lokuqoka umqeqeshi weSpar Proteas alubanga lula. Besifuna ukuqinisekisa ukuthi senza umsebenzi ofanele ekukhetheni umuntu onamava amakhulu endimeni. Ngalokho bekudingeka siqikelele ekukhetheni, kusukela kunhlolokhono kuya ekuqokweni. Umuntu ofanelekayo kithina ngumuntu ongasiza njengoba sakha kabusha iqembu futhi siqala ukuncintisana. Njengoba abadlali bethu abadala abambalwa sebethatha umhlalaphansi, sesiqala kabusha, sidinga umqeqeshi ozokwakha nathi. Njengomfelandawonye, ​​siyazethemba ukuthi sithole umuntu ofanele ukuthi asisize senze lokhu esikufisayo” kusho uMengameli weNSA uCecilia Molokwane.

Umqeqeshi uJenny unikezwe inkontileka yeminyaka emine, uzolekelelwa ilowo owayengukaputeni weSpar Proteas ophinde aqeqeshe iMaties uZanele Mdodana.

“Kuwumuzwa omuhle omuhle kakhulu kumina ukunikezwa ithuba lokuhola iqembu lesizwe (SPAR Proteas). Ngilinde isikhathi eside ukuthi ngigqoke lelijazi eliluhlaza.

Ngiyajabula ukuthi ngizosebenza noZanele, ngikholwa wukuthi sizoba yiqembu elinamandla. Njengomqeqeshi weSPAR Proteas, inhloso yami wukuqhubeka lapho umqeqeshi omdala egcine khona” kusho uJenny. 

See Also

Lo mqeqeshi usenqobe izicoco ezinhlanu zeTelkom Netball League (TNL) kulandelana neqembu laseTshwane, iJaguars.  Uphinde wahola iqembu leNetball le-University of Pretoria lafinyelela kowamanqamu kuVarsity Cup. Ngaphambi kokuqokwa kwakhe, ubeseqenjini lika-Under 21 elihlelelwe ukudlala ku-Netball World Youth Cup 2025 Qualifiers ngoNdasa.

Scroll To Top