Now Reading
Lingenza kahle elakuleli labangaboni kukhilikithi
Dark Light

Lingenza kahle elakuleli labangaboni kukhilikithi

Kulindeleke liqhubeke nokwenza kahle iqembu lalapha eNingizimu Afrika lekhilikithi yabangaboni njengoba libhekene neNew Zealand.

La mazwe asedlale imidlalo emibili yochungechunge lwemidlalo yeT20 International eyisithupha. Le midlalo ibanjelwe lapha eNingizimu Afrika. 

Le midlalo iqale ngoLwesibili, nalapho elakuleli linqobe khona ngamaruns angama-80. Kulowo mdlalo kwakubhilite izelamani zakwaBhidla uLwande noBuhle abashaya amaruns ali-180 ngokubambisana.

Umdlalo wesibili udlalwe ngoLwesithathu nalapho iNew Zealand ikhethe ukushaya kuqala amabhola, ibinethemba lokuthi izowalungisa amaphutha ewenze emdlalweni wokuqala.

Kodwa kubukeka abashwibi bakuleli bebewulangazelele lo mdlalo njengoba bekwaze ukukhipha iNew Zealand yonke ibeke amaruns angama-86 ebhodini. 

ULwande noReme Kampher bangenile bezohubha lama-run angama-86, bakwazile ukuwashaya kungekho ophumile.

See Also

UKampher ogcine eqokwa njengomdlali wosuku ushaye ama-run angama-31 emabholeni angama-29, uLwande yena washaya angama-38 emabholeni angama-31. 

Umdlalo wesithathu uzoba namuhla ngoLwesihlanu ngehora le-10 ekuseni ePirates Sports Club, eGoli.

Umdlalo wesine uzokuba kusasa ngoMgqibelo kuthi owesihlanu ube ngeSonto.

Scroll To Top