Ingenisa ngamandla emalokishini Indlovu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lepolitiki neliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) lilokhu liqhubeke njalo nokungena ezindaweni zasemalokishini esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Emasontweni amabili edlule leli qembu elasungulwa nguMntwana waKwaPhindangene, lahambela elinye lamalokishi anomlando kupolitiki, eMlaza esigcemeni T ezibomvini ko-9.
Ngayo leyo mpelasonto baphinde baya KwaMashu nalo okuyilokishi elinomlando omkhulu.
Ngeledlule leli qembu lihambele iFreedom Square eMgungundlovu, ngeSonto layivala eNtshawini Sport Field KwaDukuza.
Namuhla ngoLwesithathu Inkatha ivakashele KwaMagaba Hall, eHammarsdale, eMpumalanga.
Inhloso yokuhambela lezi zindawo ukukhumbuza abantu bayo ukuthi ngomhlaka zili-10 kuNdasa baye kogcwalisa inkundla iMoses Mabhida Stadium. Ngalolo suku leli qembu lizobe lethula umqulo wezikhongeli.
Obeyisikhulumi sosuku uMnu uThamisanqa Ntuli onguSihlalo we-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal.
UMnu uNtuli uqokwe iqembu njengozilimela kwesokuba uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal, uphinde abe iMeya yaseKing Cetshwayo.
“Bantu bakithi ngize lapha ukuzoninxenxa ukuthi mhla zili-10 kuNhlaba niphephelele eMoses Mabhida Stadium, nokuwusuku lapho uMengameli weqembu (uMnu uVelenkosini Hlabisa) eyobe ethula umqulo wezethembiso zokhetho. Kuzobe kuhanjwa mahhala, abantu abaqondane namakhansela kanye namavolontiya eqembu ukuthi kohanjwa kanjani. Okunye ukuhambela izindawo ezifana neHammarsdale kanye namanye amalokishi ukukhumbuza abantu ngeqhaza eladlalwa i-IFP kuwona” kusho uMnu uNtuli.
Ube esebalula ukuthi abantu uyabacela ukuba bavotele leli qembu ngomhla zingama-29 kuNhlaba.
“Kuyangithokozisa ukuthi abantu sebekhathele ukubonwa kudlalwa ngabo, okuwubufakazi balokho iqembu lethu keinkethweni zokuchibiyela linqobile. Nangomhla zingama-29 ngiyafisa bevotele Inkatha, ngoba siyathembisa ukuthi ziningi izinguquko esizozenza lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal” kubeka uMnu uNtuli.
Eqhuba uthe: “Uma abantu bakithi bengangivotela ekutheni ngibe uNdunankulu esifundazweni iKwaZulu-Natal kuningi engizokwenza. Okunye kwakho ukuqeda izinkinga zamanzi, ukuqoqa kukadoti nokubuyisela iTheku endaweni efanele. Kubuhlungu ukubona intsha ihlezi emakhaya ingasebenzi. Kodwa-ke ngeke ngikhulume kakhulu, ngoba iqembu liyenza alandile ngokukhuluma” kusho uMnu uNtuli.