Now Reading
Abathandi bebhola nobumnandi bazoba noMapholoba e-Adams
Dark Light

Abathandi bebhola nobumnandi bazoba noMapholoba e-Adams

Bazothola ingqayizivele yokubuka umdlalo wabakhaya baseSoweto phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates nowayeyisihlabani seChiefs uSithembiso Ngcobo abalandeli bebhola abakhele indawo yase-Adams namaphethelo.

UNgcobo owazakhele igama ngesikhathi engcwaba eZimnyama kowamanqamu weTelkom Knockout ngowezi-2011 uzobe ebuka ibhola eMaqaqa Exclusive Lifestyle ngoMgqibelo ngelesi-3 ntambama.

IMaqaqa indawo yobumnandi efike ngezinkani ese-Adams. Isondelene ne-Adams College esikhiqize inqwaba yabaholi nezihlabani.

Umnikazi wale ndawo uSandile Ngwabe utshele elaboHlanga ukuthi abantu bazobhema bakholwe ngoMgqibelo eMaqaqa.

“IMaqaqa indawo yesitayela. Yingakho siqhamuke neqhinga lokwakha injabulo yasenkundleni endaweni yethu. Abantu abaphume ngobuningi babo. Umahhala ungena kanti uma uphethe icooler box encane uzongena ngo-R150 bese kuthi enkulu ibize u-R300. Lo mdlalo sizobe siwuthamele nengwazi yeChiefs uSithembiso Ngcobo,” kubeka uNgwabe.

IChiefs nePirates badlalela eFNB Stadium, eNasrec, eGoli ngoMgqibelo ngelesi-3 ntambama.

See Also

“Angingabazi ukuthi abalandeli bebhola nabathandi bobumnandi bazozizwa sengathi basenkundleni. Wonke amathelevishini ethu azobe eveze lo mdlalo. Uma ungayiphethe icooler box iziphuzo nenyama kuyatholakala ngaphakathi. Siphinde samema namagatsha ala maqembu kubalandeli abangeke baye eGoli,” kuchaza uNgwabe.

UNgcobo utshele elaboHlanga ukuthi uzimisele ngokuhlangana nabathandi bebhola eMaqaqa.

“Umdlalo wabakhaya ngumdlalo omkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika. Ngidlalile kuwona futhi lokhu engikhuluma ngakho ngikuqonda kahle. Ngibheke ukuthi womabili amaqembu asinike umdlalo ohlabahlosile. Ngizimisele ngokuhlangana nabathandi bebhola kule mpelasonto. Abeze sizobuka sonke ibhola eMaqaqa.” kubeka uNgcobo.

Scroll To Top