Now Reading
Iyadlondlobala iBDAC kwezokusubatha yize iseliklume
Dark Light

Iyadlondlobala iBDAC kwezokusubatha yize iseliklume

Uma ukhuluma ngezokusubatha esifundazweni iKwaZulu-Natal iqembu iBlack Diamond Athletics Club, ngeke yasala ngaphandle ngokwenza kahle.

Phezu kwezingqinamba le kilabhu engakaqedi iminyaka engakanani yasungulwa kodwa isamile futhi iyatshengisa ukuthuthuka unyaka nonyaka.

ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noSihlalo wayo uMbongiseni Ndlela lapho kade egeda khona amagula ngale kilabhu. 

Ingxoxo ihambe kanje phakathi kukaSabelo Maphumulo (SM) noMbongiseni Ndlela (MN).

(SM): Siyabingelela 

(MB): Ngiyabingelela ngibonge nethuba.

(SM): Ngabe iBlack Diamond AC yasungulwa ngamuphi unyaka?

(MB): Ikilabhu yasungulwa ngoLwezi wezi-2017 kodwa yaqala ukuba yingxenye yemiqhudelwano yokusubatha ngowezi-2018. Kube sekuhlasela ukhuvethe ngonyaka wezi-2019 okwenza kwaba nokuvalwa kwezwe kanye nezemidlalo. Sishaye ibuya emva kokhuvethe, nalapho esethula khona uhlelo lwabagijimi beqophelo eliphezulu.

(SM): Uma usungula ikilabhu usuke unezinhloso ezithize, ukusungulwa kweBlack Diamond AC kwakuyini inhloso?

(MB): Inhlosongqangi yeBlack Diamond AC ukuvundulula nokweseka abasubathi abaqhamuka ezindaweni zasemakhaya kanye nasemalokishini. Siyakholelwa ekutheni liningi ikhono elikulezi zindawo kepha elishoda ngezinsizakusebenza kanye noxhaso. Empeleni  iBlack Diamond AC yasungulwa njengengxenye yohlelo lokwelekelela umphathi wenkampani yoNjiniyela ezinze eThekwini (iBhele Nabangani Consulting Engineers). Yingakho namahhovisi ekilabhi anikelwa yiyo iBhele Nabangani Consulting Engineers, elisaqhubeka namanje ukuba umxhasi omkhulu weBlack Diamond AC ngaphansi kweBhele Nabangani Foundation.

(SM): Ngabe lithini inani labasubathi abakhona ekilabhini?

(MB): Abasubathi esinabo bevile emashumini amahlanu kepha abasubathi beqophelo eliphezulu baphakathi kweshumi nanhlanu kuya emashumini amabili.

(SM): Ngabe kukhona osekuzuzwe yikilabhu kusukela yasungulwa?

(MB): Selokhu yasungulwa ikilabhu isidle imihlanganiso emijahweni eyahlukene efana neHarry Gwala Marathon 2022, iRichards Bay Mineral 10km, iScotburgh 10km, iBhekizizwe Joseph Shabalala (BJS) 10km. Sithole indondo yesiliva kuComrades Marathon nakuTwo Oceans Marathon nyakenye senze kahle kuTWK Marathon & Half Marathon neminye eyahlukene. 

Ngonyaka wezi-2022 umgijimi wethu uZukile Vellem wayeyingxenye yabasubathi eyamela iNingizimu Afrika ku-100km IAU World Championships eBerlin eGermany walala indawo ye-12 bagcina bezuze indondo yethusi njengezwe.

(SM): Awusinabele ngezinselelo esenibhekane nazo kusukela nje nasungula ikilabhu.

(MB): Izinselelo esibhekana nazo njengekilabhu ukugqoza kwabaxhasi, ikakhulukazi njengoba isimo somnotho singesihle ezweni lethu. Kepha siyabonga ukuthi sisakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zethu ngenxa yoxhaso oluvela kulo iBhele Nabangani Consulting Engineers kanye neSilo Group okungabaxhasi esinabo nje kuphela okwamanje. Kumba eqolo kakhulu ukuphatha ikilabhu enabagijimi beqophelo eliphezulu ngoba kumele sibabhekelele ngezinto ezifana namateki okuzilolonga kanye nawokuqhudelana; umfaniswano wokugijima; ibakhokhele uma kungenelwa imijaho eyahlukene; indawo yokulala kanye nezinto zokugibela. Siphinde sibazame ukubanikeza imali yokukwazi ukuba babhekele emakubo benze nezinto zabo. Kuyizindleko kakhulu uma ubheka imiqhudelwano engaphandle kwesifundazwe njengaseKapa, eGoli, eGqeberha njalo njalo. Amabhanoyi, indawo yokulala nokudla konke kuba yizindleko ezibhekana nekilabhu. 

(SM): Njengoba unyaka wezi-2024 usanda kuqala amaqembu asayinise abagijima, ngabe lana kuBlack Diamond AC bakhona enibasayinisile?

See Also

(MB): Umbono wethu ukuthi sikhulise ikilabhu ukuze idle umhlanganiso kwimijaho eyahlukene, kubagijima esibasayinisile sibala uSiyabonga Ndlovu, uBongelani Mkhwanazi, uSphamandla Nkosi, uRufus Photo, uLusanda Mbomvana, uBusisiwe Chamana noBathobile Mkhize. 

Ngingasho ngithi kukhona abanye esisaqedelela nabo izingxoxo zokubasayinisa njengoba siqhubeka nokuqinisa ikilabhu yethu.

(SM): Ngabe kule mijaho esibekhona kulo nyaka nenze kanjani?

(MB): Iphupho esinalo kulonyaka ukuthi abagijimi bethu babonakale benqoba emijahweni esiyingenelayo. Okwamanje sisakwazile ukukwenza lokho emijahweni efana neBJS,  iTWK Marathon ePiet Retief, iScotburgh Marathon eKeasney College siphinde sagqama kakhulu ku-Ethekwini Best of the Best Marathon lapho uTukiso Motlomelo adle khona umhlanganiso, uSpha Nkosi waphuma kweyesi-9, u-Anele Dlamini kweye-10 kwathi uZukile Vellem waphuma kweye-11- ku-21km kwabesilisa kanti kwabesifazane uBusisiwe Chamanebeno Banele Mabizela bangena belandelana kwisine nesihlanu, uBongelane Mkhwanazi walala isibili ku-10km wabesilisa. Ku-42km uNkosingiphile Ntuli kanye noNkosinathi Khenyeza nabo bangena belandela endaweni yesine neyesihlanu.

(SM): Nonyaka iliphi iphupho eninalo?

(MB): Sizimisele kakhulu ngamagolide kwimijaho efana neDurban International, Comrades Marathon kanye neCape Town Marathon kanti nakumaChampionships sizimisele ukuthi abasubathi bethu bakhonye njengoba abasubathi bethu abathathu (Siyabonga Ndlovu, Bongelani Mkhwanazi noBusisiwe Chamane) bekhethiwe baba seqenjini eliyomela isifundazwe saKwaZulu-Natal kuma-ASA Championships azobe esesifundazweni iGauteng.

(SM): Siyabonga kakhulu ngesikhathi sakho.

(MB): Kubonga mina mfowethu.

Scroll To Top