Now Reading
Imisebenzi yokwenzakwakhe ibe yimpumelelo kuMtimande
Dark Light

Imisebenzi yokwenzakwakhe ibe yimpumelelo kuMtimande

UMengameli weSafa esifundazweni iKwaZulu-Natal uKwenzakwakhe Ngwenya ujabule kakhulu kufezeka iphupho lakhe. 

Kuqala isizini uNgwenya watshela abezindaba ukuthi bayafisa ukuthi kule sizini kube nomqhudelwano omkhulu ozodlalwa amaqembu agijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Ngokuhamba bengqongqoza kuyona yonke iminyango yosomabhizinisi abahlukahlukene, imithandazo yakhe uNgwenya iphendulekile. 

Izolo ngoLwesibili inhlangano eholwa uNgwenya yethule ngokusemthethweni abaxhasi abasha, okungabenkampani iZLM Project. Lokhu kwenzeke esithangamini sabezindaba ebezsibanjelwe eThe Royal Hotel, eThekwini.

IZLM Project kaDokotela Makhosonke Gumede, ifake izinkulungwane ezingama-R200. Ngalokho kuzoba neZLM Project ekulindeleke ukuthi iqale ngoMgqibelo ezinkundleni zaseThekwini. 

“Isibindi kwesinye isikhathi siyadingeka impela. Kuqala isizini ngatshela abantu ukuthi kuzoba nomqhudelwano womkhumulajezi ozokuba khona, ngakusho lokho kungekho abaxhasi ababe sebethembisile ngangithemba nje into engingayazi kwamina. Ngiyajabula kakhulu ukuthi iZLM Project sithe uma singqongqoza kuyona yabe isikwazi ukuphendula imithandazo yethu yeminyaka. Miningi iminyaka le ligi ingenabo abaxhasi,” kubeka uNgwenya.

Ekuqaleni kwesizini uNgwenya wethula iPrimo okuyiyo exhase wonke amaqembu adlala kuSafa ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal ngemifaniswano yejezi. Nayo iPrimo yaqale yabe nomqhudelwano womkhumulajezi. 

“Iligi yethu lapha KwaZulu-Natal iphela kule nyanga esikuyona, kuthi imidlalo yokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship ibe ngoNhlangulana. Lokho kusho ukuthi iqembu elisuke liyosimela liba nezinyanga ezimbili lidlala imidlalo yobungani, okuyinto leyo esiyibona yenza sihluleke ukunyusela iqembu kuligi engaphezulu. Lo mqhudelwano uzosiza ukuthi sithi ukumisa imidlalo yethu yeligi kuze kube uyaphela umqhudelwano,” kubeka uNgwenya.

Isifundazwe iKwaZulu-Natal sagcina ukunyusela iqembu phezulu ngonyaka wezi-2016, okwabe kungu-Uthongathi FC. 

Kuyimanje mabili amaqembu adlala kuMotsepe Foundation Championship iMaritzburg United neMilford FC engahlezi kahle kulogi. 

See Also

“Siyabonga kakhulu kuGumede, othe alule isandla ukuze kuthuthuke ibhola lethu. Konke kulele emaqenjini enze kahle ukuze naye uGumede ezobona ukuthi imali yakhe akayilahlanga. Siyacela amaqembu, abadlali behloniphe nesikhathi salo mqhudelwano. Asifisi ukuzwa kuthiwa kunemidlalo engaphelanga. Siphinde sicele kosomabhizinisi abakhona esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuba bafane noGumede balule isandla.” kusonga uNgwenya.

Iqembu elizodla umhlanganiso kuZLM Project Cup lizogoduka nesizumbulu semali eyizinkungwane ezili-R100. Elolala isibili lihambe nezili-R50, isithathu sihambe nezili-R20 kanti elizolala endaweni lesine lona lizothola umthoba nhliziyo wezili-R10.

Enye imali izotholwa umdlali oshaye amagoli amaningi, unozinti ovelele naye nomqeqeshi ovelele abazothola izi-R2000 umuntu ngamnlunye. Umdlali omncane ovelele uzohamba nenkulungwane, ngeke asale ngaphandle umlandeli ozobaqwaqwada bonke emakhanda naye ozogoduka nenkulungwane. 

Omunye okhombise ukujabula uFana “Nkosi yeziMenenja” Mbatha, obekhulumela amaqembu.

“Siyabadinga abantu abanjengoDkt uGumede, lokhu akwenzile kukhulu kakhulu. Asingabazi umehluko uzoba khona ngenxa yalo mqhudelwano. Kulihlazo ukuthi esifundazweni iKwaZulu-Natal sinekhono elingaka kodwa kudala sagcina ukunyusela iqembu kuMotsepe Foundation Championship” kubeka uMbatha oyiMeneja yeDlangezwe Hellenic. 

Scroll To Top