Now Reading
Ocija Amazulu uzimisele ukudlulela emzuliswaneni olandelayo koweNedbank
Dark Light

Ocija Amazulu uzimisele ukudlulela emzuliswaneni olandelayo koweNedbank

Umqeqeshi wAmazulu FC uPablo “Cijimpi” Franco uthi balindele umdlalo onzima buma sebebhekene neSekhukhune United.

ISekhukhune United nAmazulu FC bazotholana phezulu emdlalweni weNedbank Cup Last 16, lo mdlalo uzoqala ligamenxe elesi-7 kushihlwa uzobanjelwa ePeter Mokaba Stadium.

“Lo mdlalo uzoba ngonzima kakhulu uzocishe ufane nalona ebesiwudlala neSupersport United ezinsukwini ezedlule, ngoba womabili la maqembu abemele iNingizimu Afrika emidlaweni yase-Afrika. ISekhukhune idlala kahle kakhulu inabo abadlali abasezingeni. Yize kunjalo kodwa nathi siwuthatha njengobalulekile lo mdlalo ngoba sifuna ukufika kowandulela owamanqamu noma owamanqamu. Sikwenzile lokho kuCarling Black Label Knockout Cup,” kusho uFranco.

Amazulu FC kuLast 32 ehlule omkhaya bayo iRoyal AM ngegoli elilodwa eqandeni elavalelwa phakathi uHendrick Pule Ekstien. ISekhukhune United yona yehlula iHighlands Park egijima ku-ABC Motsepe League sekukhahlelwa amaphenathi. 

“Okumele sikwenze ukuthi sisebenzise amathuba esizowakhanda emdlalweni, sidlala kahle kakhulu nabo badlala kahle. Ngalokho ngingasho ukuthi lo mdlalo uzoba ngomnandi kakhulu” kusho uFranco. 

See Also

UFranco uphinde wahalalisela uMlondi Mbanjwa obizwe uHugo Broos eqenjini lesizwe iBafana Bafana elizodlala imidlalo yobungani. 

“Siyambongela kakhulu uMbanjwa, siyaziqhenya nganye. Indlela adlala ngayo iyamangalisa ngoba usekhulile uma umqhathanisa ngesikhathi edlala umdlalo wakhe wokuqala owabe useFNB Stadium. Sithemba ukuthi ithuba azolithola uzolisebenzisa ngendlela” kubeka uFranco. 

Scroll To Top