Now Reading
Ihlomulile inhlangano yezolimo yaseChelmsford
Dark Light

Ihlomulile inhlangano yezolimo yaseChelmsford

Abalimi abasafufusa abazinze ngaphansi kukaMasipala wesifunda Amajuba, endaweni yaseChelmsford bathulwe umthwalo njengoba behlomule ngezitshalo eziyizi-20 000 ezincane.

Inhloso yalezi zitshalo ukuthi bazikhulise, bakhe amathuba omsebenzi bengagcini lapho kodwa baphinde bafukule umnotho wendawo. 

Laba balimi abahlomule ngalezi zitshalo, bangaphansi kwenhlangano ebizwa ngokuthi iGrow Future Agricultural Primary Co-Operative baphinde baziwe ngokuthi iSithebe Agricultural Primary Co-Operative.

Le nhlangano ibunjwe ngabesifazane abahlanu kanye nowesilisa oyedwa. Abakungabazanga ukuthi okwenziwe kubo uMasipala, kubabuyisele elikhulu ithemba lokuba bathuthuke. 

Lolu hlelo uMasipala weSifunda iMajuba ulenza ngaphansi kophiko lwezokuthuthukiswa komnotho wezindawo kuhlelo lwe-Radical Agrarian Socio Economic Transformation(RASET) kanye nabeFuture Coal Mine okungabanye abaxhasi.

UMntwana uNdabuko Zulu uthe inhloso enkulu yaloluhlelo ukukhuthaza amalunga omphakathi ukuba abuyele emhlabathini ukuzithuthukisa ngokomnotho ukuze kudalwe namathuba emisebenzi.

“Njengoba uMntwana wakwaPhindangene wayehlala eshumayela ivangeli lokusebenzisa umhlabathi ukuzithuthukisa, yilokho-ke nathi esikwenzayo ukulekelela abalimi besifunda sethu ukuba babe nezingadi namasimu ukuze benze imikhiqizo ezodayiswa nasemazweni angaphandle. Okunye okumele singakukhohlwa ukuthi thina kwisifunda sethu umnotho usemhlabathini” kusho uMntwana Zulu.

UMnu Mfanafuthi Nkabinde, wenhlangano iGrow Future Agricultural Primary Co-operative ehlomulile, uthe baqale lo msebenzi ngonyaka wezi-2019 nokuthe emva kwalokho abangabe besabheka emuva.

See Also

“Ukwethulwa kohlelo lweRASET uMnyango wezoLimo kanye nomasipala Amajuba kwaba isibusiso esikhulu kithina njengeGrow Future, ngoba luningi ulwazi esesilutholile selokhu saqala ukuba yingxeye yalolu hlelo. Lana kwaGrow Future asigcini ngokutshala kuphela kodwa sithatha nezitshalo zethu siziguqule senze ithanga eliqandisiwe(frozen butternut), chili sauce kupelepele esiwukhulisayo” kubeka uMnu Nkabinde.

Uthe le mikhiqizo yabo ingena ezitolo ezifana noBoxer, iFruit & Veg, iPick n Pay kanye nakubadayisi basemarenki. Ubalule ukuthi kuze konke kube impumelelo badinga ukuthola imoto okuzoba eyabo abazokwazi ukuhambisa imikhiqizo yabo ezindaweni ezehluka hlukene. 

UNkk uBarbara Elliott wakwaFuture Coal Mine, yena uthe: “Kuyasithokozisa kakhulu ukubona kwesekwa abalimi beGrow Future njengoba bengabantu abazinikele emsebenzini abawenzayo, kwazise uyazikhulumela umsebenzi wabo omuhle.  Imayini yalekelela labalimi ekuqashisweni komhlaba iminyaka engama-20” usho kanje.

Scroll To Top