IGunners ingene kwayisishiyagalombili kuChampions League
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lase-England i-Arsenal iqede ishobolo leminyaka idlulela kowamaQuarter-final omqhudelwano omkhulu wamaqembu i-UEFA Champions League.
I-Arsenal ukufika kulesi sigaba yayigcine ngonyaka wezi-2010, okusho ukuthi besekuphele iminyaka eli-13.
Ingene emdlalweni wayizolo ebusuku ilandela ngemumva njengoba emlenzeni wokuqala yehlulwa iFC Porto ngegoli elilodwa eqandeni ekuhambeni.
Njengoba ibidlala ekhaya bekubhekwe ukuthi ishaye amagoli amaningi, njengoba yenzile emidlalweni yayo yakamumva. Idlala ekhaya emidlaweni yeligi emine ishaye amagoli ali-14.
Ngomzuzu wama-41 umdlali waseBelgium uLeandro Trossard uvalele phakathi igoli, okuyilo elenze umdlalo waze wafika ku-Extra Time nakumaphenathi.
Kumaphenathi ilapho leli qembu eliqeqeshwa uMikel Arteta lifike lanqoba khona ngamagoli amane kwamabili.
Ukudlulela phambili kwe-Arsenal kusho ukuthi mabili amaqembu ase-England azoyibamba kuma quarter-finals, elinye iqembu iManchester City.
Amanye amaqembu asedlulele phambili kulo mqhudelwano kodwa okungewona ase-England, iReal Madrid neFC Barcelona aseSpain, iPSG yaseFrance neBayern Munich yona yaseGermany.
Namhlanje kusihlwa kulindele kungene amanye amaqembu amabili njengoba kunemidlalo emibili yomlenze wesibili.
Kule midlalo iDortmund (1) izodlala nePSV (1), i-Athletico Madrid (0) itholane ne-Inter Milan (1).