Usuku lwezithandani iValentines Day olugujwa minyaka yonke zili-14 kuNhlolanja luyohlala njalo luyisikhumbuzo sokulahlekelwa ngothandiweyo emndenini wakwaSteenkamp. Izolo ngalolu suku bekuphela iminyaka e-10 lo mndeni wabulawelwa indodakazi yawo uReeva ngesandla sesoka layo okwabe kungumgijimi odume umhlaba wonke u-Oscar Pistorius.
UNhlanhla Ngubane oxoxisane nelaboHlanga ematasa ethumela izicelo zomsebenzi ezindaweni ezihlukene ehlela neCV yakhe izolo, uthi akalilahlile ithemba ngoba uyilalelile inkulumo kaMengameli kepha uxakwa ukuthi pho yena nenye intsha asondelene nayo basala kanjani kula mathuba ahlala emenyezelwa njalo.
Usuku lwangesonto mhla zili-18 kuZibandlela luzongena emlandweni njengalelo olumqoka. Lolu kube wusuku lwesinqumo emqhudelwaneni emibili; owokuqala ube yilowo kanobhutshuzwayo weNdebe Yomhlaba lapho bekugadulisana khona iFrance kanye ne-Argentina. Njengoba bekulindelekile kulo mdlalo bekuqhansa izinhlansi, kungongaphansi nongaphezulu. Sekungumlando ukuthi lugobile uphondo kwi-France yedlula i-Argentina.





















