Now Reading
Noma esalala kepha eLusaka nasezwenikazi uyisithwalandwe
Dark Light

Noma esalala kepha eLusaka nasezwenikazi uyisithwalandwe

Ziyofa izinsizwa kuyosala izibongo. Lesi sisho sivamise ukuzwakala uma kuhambe iqhawe eliyibekile induku ebandla. Inkanka yeciko elalingumculi laseZambia uPaul Ngozi lingena khaxa kuso. Igama aliqanjwa ngabazali bakhe ngelikaPaul Dobson Nyirongo.

Le nsizwa eyazalelwa eLusaka ayiphilanga isikhathi eside ngoba kwayenela ngowe-1989 izelwe  ngowezi-1949. Uqale ukugqama emculweni ngesikhathi engumholi webhendi iNgozi Family ngeminyaka yawo-1970.

Ngalesi sikhathi ipolitiki yayishisa iphansi eZambia kuyilona lizwe elaliphambili ekubeni ikhaya lababhaci ababephuma emazweni ahlukene e-Afrika okuhlanganisa neNingizimu Afrika.

UNgozi wayesebenzisa umculo wakhe ukusabalalisa umyalezo kubacindezeli nababengahambisani nomzabalazo wokulwa nokukhululwa kwe-Afrika ukuthi, ukuhlwa kuyobaqoqa. Ngesikhathi uKhongolose usavalwe umlomo wayehambela isinyenyela ezinkanjini zawo eyonandisa ngomculo okwakubuyisa ithemba kulabo ababeshiye amakhaya beyolwela inkululeko.

Udumo lwebhendi ayeyihola lwenza yaba ngeyokuqala emlandweni waseZambia ukufakwa ngaphansi kohlobo lomculo olwalwaziwa ngeZamrock lapho kwakuculwa kodwa kusetshenziswe kakhulu izinsimbi ukwedlulisa eminye imiyalezo eyayicashile. Emuva kokushiya ibhendi iNgozi Family, wadlondlobala kakhulu kunakuqala nalapho ayesemenywa emazweni amaningi e-Afrika naphesheya kwezilwandle.

See Also

Umculo wakhe wawuthandwa ngabadala nabancane ngoba wawukhuluma ngezinto ezazenzeka ngaleso sikhathi futhi ekwazi nokucula ngezilimi ezihlukene zesintu. 

Ezinye zezingoma zakhe ezashisa izikhotha ngethi, Hangover, Kajuku, Viva Ngozi, Lighting and Thunder. UHulumeni kaMengameli uKenneth Kaunda wamhlonipha ngomngwabo wombuso.

Scroll To Top