Now Reading
Ingebhe ngokuvulwa kwezikole ngoKhuvethe olusha
Dark Light

Ingebhe ngokuvulwa kwezikole ngoKhuvethe olusha

Imibiko eqale ukusabalala ngempelasonto yokuqubuka kabusha koKhuvethe eNingizimu Afrika ifake ingebhe esizweni njengoba kunokusabela ukuthi kungaphazamiseka nokuvulwa kwezikole kuleli sonto. Iningi lezikole ezizimele ziqalile kulelisonto, kanti ngelizayo kuzovulwa ngokusemthethweni ezingaphansi kukahulumeni. 

Le mibiko yakamuva ngoKhuvethe yenze uMengameli uCyril Ramaphosa wabiza umhlangano ophuthumayo ngoLwesibili wethimba elicubungula ngalolu bhubhane.

Lolu hlobo olusha lokhuvethe lutholwe eWestern Cape, kodwa ochwepheshe kwezempilo bathi amaphaphu phansi esizweni, mancane kakhulu amathuba okuthi lungasabalala ezweni lonke njengoba kwenzekile eminyakeni emibili edlule.

UKhuvethe iXBB1.5 Omicron kuthiwa luthi alufane nalolu olwatholwa ngonyaka odlule khona eWestern Cape olungazange lube namthelela otheni.  Ngasekuqaleni kwesonto uMengameli ucashunwe ethi lolu khuvethe olwaziwa nge “Kraken” kukhulu ukuthelelana ngalo kodwa abantu kumele behlise umoya ngoba isimo siqashelwe ngazindlela zonke. 

Eqhuba uthe uMnyango Wezempilo noSosayensi bazobahola ekutheni yiziphi izindlela zokuzivikela okuzomele zilandelwe. 

UNgqongqoshe Wezempilo kuZwelonke uDkt uJoe Phaahla uthe okwamanje akukho zinhlelo zokuvalwa kwezwe nokubekwa kwemibandlela ethile yokuhamba. Uthi angeke kube khona nombandela wokuthi abantu bafake izifonyo. 

UMqondisi Womnyango uDkt uSibusiso Buthelezi usethumelele zonke izifundazwe uhlelo olusha lokugoma, ikakhulukazi oluqondene nalabo abangakaze balugomele ukhuvethe, nalabo asebeneminyaka eyevile kuma-60.

Esithangamini sabezindaba kuleli sonto uNgqongqoshe Wezemfundo Eyisisekelo uNkk u-Angie Motshekga naye wehlise amaphaphu kubazali nothisha wathi imibiko ngokhuvethe olusha iqashelwe ngeso lokhozi angeke kube khona nokuncane ukuphazamiseka kwezikole.

See Also

Ezindaweni eziningi kusuka ngempelasonto bese kuqalile ukubonakala kwemithonseyana yabantu ifake izifonyo ngenxa yokwesabela impilo kulandela umbiko wososayensi abangabacwaningi abakuqinisekisile ukuthi lolu khuvethe luhamba ngamandla amakhulu.

Abanye abafundi ezikoleni ezizimele kuleli sonto babonakale befake izifonyo kanye nothisha.  Igama eliqanjwe ngalo elithi “Kraken” lethiwe ngabezindaba phesheya kwezilwandle emuva kokulandela indlela elisabalala ngayo nelithelelana ngayo.

UKhuvethe lashiya kukhalwa emhlabeni nakuleli eminyakeni emibili edlule okwaphoqa ukuba kuvalwe izwe kulahleke nemisebenzi.

Scroll To Top