Now Reading
URamaphosa wenze ezinye izethembiso ngenkinga kagesi
Dark Light

URamaphosa wenze ezinye izethembiso ngenkinga kagesi

Nakuba kungabanga lula ukuthi ethule inkulumo yakhe, kodwa ekugcineni uMengameli uCyril  Ramaphosa ukwazile ukwethula inkulumo engobume besizwe ebibhekwe kakhulu. Njengoba bekulindelekile zithe zisuka nje amadaka uMengameli wahlala endabeni yokucima kukagesi ehlupha abantu bakuleli, osomabhizinisi, izimboni nephazamisa imikhiqizo. 

“Umsebenzi wethu oseqhulwini nomqoka manje ukwehlisa izinga lokunqamuka kukagesi,” kusho uMengameli. Kulokhu uthe bazoqhubeka nokusabalalisa amasolar panel ukulekelela ekutheni abantu bahlale benogesi.

 Uthe uhulumeni wakhe kulokhu uzogxila ezintweni ezikhathaza kakhulu  abantu baseNingizimu Afrika, kodwa lokho akusho ukuthi bethula uhlelo omusha.Khona lapho uvumile ukuthi azikho izisombululo ezilula kuzona zonke lezi zingqinamba. “Abantu bathwele kanzima emakhaya, ezimakethe ezigcina ukudla, isemgwaqeni amarobhothi awasebenzi. 

Ngaphandle kokuphakelwa kukagesi okuzinzile angeke siphumelele kulokhu,” Uthe bathathe izinyathelo zokuphucula izinga leziphehli zakwa-Eskom. Eqhuba uthe ngaphansi kweBhodi elisha lakwa Eskom baphezu kwezinhlelo zokulungisa izizinda ezintathu esiphehlini iKusile. Ekwenzeni lo msebenzi uveze ukuthi sebeqashe abantu abanamakhono abanye babo abazothunyelwa kulezo ziphehli ezingenzi kahle.

See Also

 Eqhuba uthe abanye babo bazinikelile ekwenzeni lo msebenzi ngoba bethi angeke basonge izandla babukele.

“Sinabantu abanamakhono futhi abakwaziyo ukusebenza eNingizimu Afrika esikudingayo nje ukubasebenzisa,” kugcizelela uMengameli. Uthe okunye abazokwenza ekulweni impi yokucima kukagesi ukuthi uhulumeni weseke u-Eskom ekuthengeni udizili ngaphazulu kwalowo osuke ukhona ukuze iziphehli zikwazi ukusebenza ngisho noma kunezinkinga. Uveze ukuthi ukuhlelwa kabusha kuka Eskom kuyaqhubeka. Uthe ngokuqhubeka konyaka iPhalamende lizokwethula uMthethosivivinywa I-Electricity Regulation Amendement Bill ozolekelela abantu ekukhokheni kancane ngogesi njengoba kwenzeka kwamanye amazwe.

Scroll To Top