Umcimbi wenziwe waqondaniswa nosuku lokubungaza ubu-Afrika nokuzigqaja ngobuzwe Njengengxenye yokubungaza inyanga ye-Afrika ezwenikazi, umbhali womculo,…
Entsheni yesikhathi sanamuhla igama likaTina Turner lilumbaniswa nomunye wabaculi nje abadabuka eMelika, kepha kwabadala lolu…...
Ukudlondlobala kobugebengu obungalawuleki emphakathini sekugqugquzele ukuvuselelwa kwezinhlaka ezilwa nobugebengu ebese zifadalele ezisebenzisana namaphoyisa ezibizwa ngamaCommunity…...
Isigameko sangesonto eledlule KwaMpande eMgungundlovu sokubulawa kwabantu abayi-9 ngokudutshulwa maqede kuthungelwe ngomlilo indlu yomxhaso abebekuyo,…...
Ngesikhathi ubhubhane lwengculazi lusadla fumuka ludle silaza ezwenikazi i-Afrika ngeminyaka yowe-90, babembalwa abantu ababenesibindi sokuphumela…...
Ngasekupheleni konyaka owedlule, uMengameli uCyril Ramaphosa ngokwesikhundla sakhe sokubanguMkhuzi oyiNhloko Wombutho Wezokuvikela wamemezela ukuthi iziphehli zikagesi ezithile zakwa-Eskom ezweni zizoqashwa ubusuku nemini ngamasosha.
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngoNtulikazi izocacisa ngekusasa leNFP.
Basola umkhonyovu wokuhlomula kwabathile ngamaloli athumela amanzi
Ubuhlobo beminyaka bezepolitiki nokuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika neMozambique buphinde baqina kakhulu kunakuqala ngokuzalwa komzwilili wakuleliya…...
Umngcele iBeitbridge ohlukanisa elakuleli neZimbabwe usuthathwa “njengesango” lokuwelela ezweni lesethembiso kulabo abasuka kuleliya lizwe bezofuna impilo encono eNingizimu Afrika.
Iva elingabanguleki elihlaba abasembonini yezokuthutha emkhakheni wamaloli lihlala njalo livuza iminjunju nokunkenketha yize kuba nokungenelela kosopolitiki okuba okwesikhashana.
Ukutshalwa ngapha nangapha kuhle kwembewu kwamagumgedlela ombutho wezokuvikela wakuleli nguHulumeni muva nje ezinxushunxushwini ezikhungethe izwe…...
Kubantu baseZambia nasezwenikazi i-Afrika uLarry Maluma uyohlala njalo engomunye wabo yize sekuphele iminyaka engama-38 afudukela…...
Ngasekuqaleni konyaka ophezulu we-2023 elaboHlanga laba yiphephandaba lokuqala ukubika ngelakubiza ngokungahambi kahle kwezinto esikhwameni esiseka ngezimali abafundi basezikhungweni zemfundo ephekeme iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).
Undabuzekwayo wesiboshwa eseqa ejele kuthiwa sangqongqa safa uThabo Bester osekuphele inyanga isematheni isidale ukukhuluma kwabanye abantu ababona ukuthi isiyihawu nje likahulumeni lokubalekela ukuphendula ngezinye izinto ezikhungethe izwe.
Ukuthamba kwesandla emingceleni yakuleli namazwe angomakhelwane kuphinde kwahlala obala ngesikhathi kuvundululwa inqwaba yemithi ebisuka eSwatini ishushumbiselwa kuleli ngokungemthetho ngempelasonto.
Kukhulu ukukhathazeka kuhulumeni nasesiphoyiseni ngesibalo sezibhamu ezingekho emthethweni ezikubantu okuthiwa yizo ezisetshenziswa izinkabi embonini yamatekisi, ezimpini zemibango nasezigamekweni ezehlukene zobugebengu.
Amaciko ngokwehlukana kusuka kubaculi, abalingisi, abadwebi nabanye isifiso sabo esikhulu kusuke kuwukusabalala beqe imingcele yamazwe…...
UHulumeni waseCape Verde uzohlonipha ingwazi yomculi wakuleliya lizwe ngesikhathi esisodwa neqembu lebhola lesizwe. UCesaria Evora,…...
Ukufudukela kwakhe eNingizimu Afrika phakathi kweminyaka yama-80’s akubanga yiphutha ngoba ngaleso sikhathi base bebaningi kakhulu abantu baseMalawi abebekuleli.
Isinqumo sezinye izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni sokusayina isivumelwano sakamuva sokwenyuselwa amaholo ngo-7.5% sicacise ngokusobala ukuthi kuhlangenwe phezulu phansi kungamahele.
Ngesikhathi uMengameli uCyril uRamaphosa ejuba inkampani engaphansi kukahulumeni eyengamele imigwaqo iSanral ukuba iqale umkhankaso wokuvalwa kwemigodi nezikhinsi emigwaqeni yakuleli, kwabuya ithemba kubashayeli, izinkampani nabasebenzisi bomgwawo.
UNoni Jabavu wayengumbhali waseNingizimu Afrika oyingqalabutho – incwadi entsha ekhombisa ukuthi isabalulekile kangakanani UJabavu waba…...
Igama asedume ngalo umhlaba wonke akubanga lula ukulithola kwazise wayesedlule ezimweni ezinzima zempilo.