UChiweshe iNdlovukazi yembira


Ezweni azalelwa kulo iZimbabwe waziwa njengendlovukazi yembira. Leli yiciko uStella Rambisai Chiweshe, owazalwa ngoNtulikazi we-1946 endaweni esemakhaya iMhondoro esifundazweni iMashonaland. Ikhono lakhe lomculo laqala ukugqama esemncane edlala imbira okuwuhlobo oludaLa lukapiyano oludlalwa ngesithupha. Wayehlonishwa kakhulu ngokuba ngowesifazane okwazi ukudlala imbira ngoba ngaleso sikhathi kwakungabesilisa kuphela ababekwazi ukuyidlala benandisa ezindaweni zomphakathi.
Wayengeyena nje umculi, nombhali wamaculo kepha wayenamakhono ahlukene kusuka nasekudanseni okwenza wahambela amazwe amaningi eYurophu, e-United States of America (USA), nasezwenikazi i-Afrika eyonandisa khona. Ngaphandle kokucula wayebuye asebenzise ikhono lakhe ngokuba isishoshovu sezamasiko nobuciko futhi engelona lolu hlobo lomuntu olugodla ulwazi ngoba wayehlela nezithangami lapho ayelwedlulisela khona entsheni nakubadala abanentshisekelo yokufunda.
Isifiso sakhe esikhulu kwabe kungukubona i-Afrika ihlangana ikhuluma ngazwi linye ngokuphuma emaketangini ezikhondlakhondla zamazwe ayengabaqoneli bayo. Okunye akekufisa ukuthi imbira iqhubeke nokudlalwa uma kuhlanganiswa umculo, hhayi eZimbabwe kuphela kepha nasezwenikazi. Lolu hlobo lwe-instrument lwaluthathwa njengophawu lobunye kusetshenziswa nalo uma kuxhunyanwa nabadala namadlozi.
Lwaludlalwa kakhulu emicimbini yesintu. Ngenxa yegalelo lakhe ekusebenziseni umculo ukuhlanganisa i-Afrika, uhulumeni wamaNgisi owawubusa eZimbabwe wamvala umlomo, wangavunyelwa nokunandisa ezindaweni zomphakathi ngoba bethi ukhuluma ngamadlozi ekubeni uhulumeni ophethe uqhakambisa inkolo yobuKhrestu.
Ubalwa nezinye izingwazi zabaculi baseZimbabwe eziyibekile induku ebandla okubalwa kuzo uThomas Mapfumo no-Oliver Mtukudzi.