Now Reading
URamaphosa ukhale wemuka nehlandla lesibili
Dark Light

URamaphosa ukhale wemuka nehlandla lesibili

Ngaphambi kokumenyezelwa kwemiphumela yobuholi obuphezulu be-ANC eNASREC izolo uSihlalo wale nhlangano obuyiselwe esikhundleni utshele izithunywa ukuthi isikhathi sokuphupha sesiphelile. Lokhu kuzwakale sakubhuqa nobekwakha isithombe sokuthi uhlangothi lukaRamaphosa seluphumelele.

Akubanga imizuzu emingakanani uMnu uCyril Ramaphosa wamenyezelwa njengodle umhlanganiso ngamavoti angama-2 476 ehlula imbangi yakhe uDkt uZweli Mkhize othole amavoti ayi-1 897. Esikhundleni seSekela likaMengameli kuphumelele uMnu uPaul Mashatile ngamavoti ayi-2 178 ehlulela kude imbangi yakhe uMnu uRonald Lamola othole amavoti angama-315 noMnu u-Oscar Mabuyane othole ayi-1 858.

Ukunyuka kukaMashatile kwabaningi bekuvele kubhekekile njengoba eseguduze izikhundla eziningi kule nhlangano kusuka kwesikaMgcinimafa, nesokuba nguNobhala Jikelele osabambile. Ngokwekomidi lezokhetho kube nezithunywa eziyisikhombisa ezingavotanga, namaphepha amane acekeleke phansi.

See Also

Esikhundleni sikaSihlalo uMnu uGwede Mantashe unqobe ngamavoti ayi-2062 uMnu uStan Mathabatha ngamavoti ayi-2018. Ngesikhathi uMnu uKgalema Motlanthe eqhubeka nokumemezela imiphumela ihholo belichwazwa yinjabulo.

  • UMengameli uRamaphosa: 2 476
  • ISekela Mengameli uMashatile: 2 178
  • USihlalo kaZwelonke, uMantashe: 2062
  • UNobhala Jikelele, uMbalula: 1 692
  • IPhini likaNobhala Jikelele Wokuqala, uNkk Mokonyane: 2 195
  • IPhini likaNobhala Jikelele Wesibili, uNkk uMaropane Ramokgopa: 2 173
  • UMgcinimafa, uNkk uGwen Ramokgopa: 1 809
Scroll To Top