Now Reading
Bami ngakuMaDube abesifazane
Dark Light

Bami ngakuMaDube abesifazane

Kusuka iqulu elizibiza ngo-Umsinsi Wokuzimilela ligasele emzini kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk uNomusa Dube-Ncube eHillcrest, eThekwini ngempelasonto sekube nokuphawula okwehlukene okukhulu kuqhamuka eqenjini elibusayo noMengameli uRamaphosa uqobo. 

Kubantu nje babona lesi senzo singukuhlukumeza umuntu wesifazane ngoba bethi ophume kulesi sikhundla uMnu uSihle Zikalala akakaze abhikishelwe kwakhe yize beziziningi izikhalo ngokusebenza kwakhe. KoNdunankulu bangaphambilini esifundazweni akukho noyedwa oseke wabhikishelwa, ingasaphathwa ke eyokugasela emzini wakhe. UHulumeni wesifundazwe usujube uphenyo ngalesi sigameko, uveza nokuthi bekucaca ukuthi lo mbhikisho ubuhlelwe kahle.

Emisakazweni yomphakathi kuze kuyoshaya kweyezinkulumo ngxoxo njengeSAFM ne 702 abantu abebeshaya izingcingo ngesikhathi sokuvulwa kolayini iningi obekungabesifazane bazwakalise ukusigxeka lesi senzo besichaza njengesicindezela umuntu wesifazane. “Bheka nje uMama uDube-Ncube  uhanjelwe umyeni wakhe ngoKhuvethe, kodwa nalapho laba besilisa abanazwelo bazi kahle ukuthi nguye umama nobaba wekhaya,” kuphawula omunye umlaleli. Omunye uthe, “Hlobo luni lamadoda lawa okuthi umuntu engakahlanganisi nezinyanga eziyishumi esikhundleni sebegasela kwakhe. Khona wake wezwaphi umuntu eyobhikishelwa endaweni yakhe engahlangene nomsebenzi,”

UPhiko Lwabesifazane bakaKhongolose eThekwini lube ngabanye abakugxekile lokhu izolo likuchaza njengodlame oluqondiswe kwabesifazane.

See Also

“Lolu dlame  beluphehlwa iqulu elizibiza ngo-Umsinsi Wokuzimilela elasungulwa umhlaziyi wezepolitiki uMnu uXolani Dube wesikhungo iXubera Institute.  Ukuziphatha ngalolu hlobo kunomthelela ongemuhle kungadala nokuphazamiseka nasemqondweni kwabahlaselwayo emakhaya,” kusho isitatimende siPhiko Lwabesifazane.

Isitatimende siqhuba sithi lo mbhikisho obungekho emthethweni emzini womholi wesifazane futhi ongumfelokazi, uwubufakazi obusobala ngempilo yokusatshiswa ebhekene nabesifazane abasezikhundleni zokuphatha. I-ANC esifundazweni ishiye engalazi kuDube imchaza njengomhlaziyi oyishaya emuva ayishaye phambili. Ithe isibhalele amaziko ezindaba ukuba ayeke ukusebenzisa uDube ekuhlaziyeni ngoba kwawona uzowafaka ehlazweni.

Scroll To Top