Now Reading
Amasosha azoqapha iziphehli zakwa Eskom
Dark Light

Amasosha azoqapha iziphehli zakwa Eskom

Uma kuya ngokuthi iyakhula ingcindezi ngezinsolo zokusabisa ngokucekela phansi iziphehli zikagesi ezithile ezweni, iningi lazo lingagcina seliqashwa ngokugcwele aboMbutho Wezokuvikela, iSouth African Defence Force.

AbeHhovisi likaMengameli ngeSonto bakuqinisekisile ukuthi uMengameli ugunyaze ukuthi iziphehli zakwa Eskom ziqashwe amasosha. Lokhu kwenzeka nje kusuka ngaphambi kwengqungquthela ye-ANC kube nemibiko yokwesabisa, nokunswinywa kokuphakela kukagesi ezindaweni ezithile.

Zine izikhungo okuqinisekisiwe ukuthi zizoqashwa amasosha. Kuzona kukhona iMajuba, iCamden, iGrootvlei neTutuka. Okhulumela iHhovisi likaMengameli uMnu uVincent Magwenya uthi amasosha azobheka kakhulu ukuthi ingebiwa impahla ebucayi yakwa Eskom okugcina ngokuthi kube nomthelela kunqanyulweni kukagesi.

NgoMfumfu u-Eskom watshela iScopa ukuthi usebenzisana neSpecial Investigating Unit ukulwa nezenzo zobugebengu ngaphakathi kwa-Eskom.

See Also

Bathi bakhona abantu asebeboshiwe ngamacala okweba amalahle, nodizili bese kuba nezenzo zokunswinya ukuphakelwa kukagesi ezenziwa ngenhloso. Ubugebengu obenzeka kwa-Eskom kuthiwa buwuchungechunge kusuka emazingeni aphansi konogada kuze kuyoshaya ezikhulwini lapho kukhishwa khona amathenda.

Ngenyanga edlule kwaboshwa umshayeli weloli elithwala amalahle ngokuwashintshanisa namadala wathatha amasha okuyiwo anamandla.

Scroll To Top