Abayizwisisi kahle ekaMabuyane esifundazweni sakhe
Ezifundazweni eziyisishiyalolunye eNingizimu Afrika, i-Eastern Cape ibalwa nezinye ezisasilele emuva kakhulu kwezentuthuko.
Kulokhu iminwe ikhomba kakhulu ondunankulu asebeke baphatha phambilini bonke abaphuma kuKhongolose kusuka kwingwevu uMnu uRaymond Mhlaba.
Namuhla lesi sifundazwe siphethwe uMnu u-Oscar Mabuyane. Ngaphansi kobuholi bakhe kuningi okwenzekile okumenze waba sezindabeni. Ukuvela kwezinsolo zokuthi iziqu zakhe wazithola ngokuzikhokhela kuyona inyuvesi yakulesi sifundazwe kwaba ngesinye isiga esamninda.
UMphathiswa wakhe wezeMpilo kwaphoqeleka ukuthi amkhombe indlela emuva kokuthenga ama-ambulensi ayizikuta ayezothutha iziguli ngesikhathi sokhuvethe. Ngesikhathi sengqungquthela yokukhetha ubuholi esifundazweni, uMabuyane akazange akufihle ukuthi ungasohlangothini olweseka uMengameli uRamaphosa ekuphatheni ihlandla lesibili. Ukuqokwa kwakhe njengoSihlalo weqembu e-Eastern Cape kwamnika amandla athe thuthu kwezepolitiki.
Kwabaningi akwethusanga ukuthi ngosuku lwesithathu lwengqungquthela eqhubeka eNasrec uhlangothi lukaRamaphosa lushaye ingwijikhwebu luphakamise igama lakhe njengeSekela Mengameli lulaxaze uMnu uRonald Lamola.
Esifundazweni asiholayo uMabuyane ukuqokwa kwakhe kukhona abangakuzwisisi ngoba bathi uhluleke wancama esifundazweni. “Kuyaxaka ukuthi ezintweni eziningi kangaka ebezibhekwe kuye ukuba azenze akukho nokukodwa aphumelele kukhona ngaphandle kokulwela ukuvikela isithunzi sakhe nokuphebeza izimbangi zakhe zezepolitiki ezimfuna emnyango,” kusho uMnu uZondani wakuPali kuGatshana osezinhlakeni zeqembu.
Ohlelweni lwezingxoxo uMxholo emsakazweni uMhlobo Wenene namuhla abalalelile abaningi bachaze ukuphakanyiswa kwegama likaMabuyane njengokuphambana nezimiso zabo.
“Imigwaqo, izibhedlela nezikole kusesimweni esixakile. Yingakho uhlelo lwethelevishini i-Cutting Edge luhlale lugxile e-Eastern Cape ngenxa yamahlazo okusilela emuva ngentuthuko”.
Uma uhlangothi lukaRamaphosa ludla umhlanganiso uMabuyane uzophoqeleka ukushiya isikhundla sikaSihlalo esifundazweni.