Now Reading
Sekuyikwa jombigazi eNyuvesi enedumela
Dark Light

Sekuyikwa jombigazi eNyuvesi enedumela

Njengoba izikhungo zemfundo ephakeme zilungiselela ukuvula ngasekuqaleni kukaNhlolanja, kubonakala kusazothatha isikhathi ukuthi kuqalwe ukufunda eNyuvesi iFort Hare e-Alice e-Eastern Cape kulandela izigameko zokusatshiswa kweziphathimandla nabafundisayo. Isiga sangeledlule sokudutshulwa kubulawe umqaphi wesekela likaShansela uSolwazi uSakhela Buhlungu kube yiso esiveze obala ubucayi besimo kule nyuvesi enomlando wokukhiqiza izithwalandwe kwezepolitiki. 

NgoLwesibili uNgqongqoshe Wemfundo Ephakeme uDkt uBlade Nzimande nozakwabo Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele bakhalinywe yiziphathimandla zenyuvesi ngomzuzu wokugcina emhlanganweni abebewuhlelile wokuzodingida ezokuphepha nokuhambela umndeni kamufi uMnu uMboneli Vesele.  

Kunokukhuluma okuthi phakathi kwezikhulu zenyuvesi kukhona ezingayizwisisi kahle kahle indaba yokugxambukela kosopolitiki njengoba umonakalo usuvele usuwenzekile. 

Ukukhuluma kuthi sekunesikhathi abenyuvesi bebhalela uhulumeni ezingeni likazwelonke bebika ngokungahambi kahle kwezinto, kepha izikhalo zabo zishaywe indiva. USolwazi uBuhlungu kuthiwa nguye oshaye phansi ngonyawo wathi okwamanje akadingi ukuhlangana nosopolitiki ngoba impilo yakhe isengcupheni, hleze lokho kubhebhezele isimo phambili. 

Ucashunwe ethi abakwazi ukwenza imihlangano eziyicagogwana ekubeni besemanzini. Abanye ezikhulwini bathi osopolitiki bafike benze zonke izethembiso okanye bahliphize bashiye kanjalo babuyele ePiloti inkinga isale nabo. Kusolwa ukuthi uSolwazi uBuhlungu uzidonsele amanzi ngomsele ngokuqala uphenyo olunzulu ngezenzo zenkohlakalo kule nyuvesi okuhlanganisa ukubhubhudlwa kwezimali, ukukhishwa kwamathenda, ukunikezwa kweziqu ngendlela engekho emthethweni nokubhalelwa kwabathile ikakhulukazi osopolitiki bakulesiya sifundazwe izivivinyo futhi baphase noma ngabe kunjani. Ngonyaka odlule kwathelwa othulini iMeneja ebhekele ezokuthutha enyuvesi uMnu uPetrus Roets. 

Kwabuye kwaba nemibiko yokuhlaselwa kwemizi yezinye zeziphathimandla ezisebenzisana  noSolwazi uBuhlungu. 

See Also

Kuthiwa uphenduke iqaqa ngesikhathi eqala uphenyo izinto zaba zimbi kakhulu lapho esesebenzisana khona neSpecial Investigating Unit (SIU) ukuphenya amanye amacala. Kunemibiko ethi kunohlu lwamagama eziphathimandla ezi-16  okuthiwa kumele “zishaywe amakhanda” Ukwehla kwezinga lokuphepha kulesi sikhungo sekukapakele nasemphakathini njengoba sekunemibiko yokugqekezwa kwezindlu ezihlala abafundi nokwebiwa kwempahla yenyuvesi esigcwele emphakathini wendawo.

UBuhlungu uthi angeke asatshiswe ukubulawa kukanogada wakhe, uzoqhubeka nokusebenzisana neSIU ngoba abaphambili kulobu bugebengu akusensuku zatshwala bavele obala, yingakho benza konke ukuzama ukugqiba ubufakazi. UNgqongqoshe uNzimande uthe okwenzeka eFort Hare bazokusebenzisa ukuqinisa ezokuphepha kuzona zonke izikhungo zemfundo ephakeme.

Scroll To Top