Kungekudala uPistorius uzodedelwa ngoshwele




Usuku lwezithandani iValentines Day olugujwa minyaka yonke zili-14 kuNhlolanja luyohlala njalo luyisikhumbuzo sokulahlekelwa ngothandiweyo emndenini wakwaSteenkamp.
Izolo ngalolu suku bekuphela iminyaka e-10 lo mndeni wabulawelwa indodakazi yawo uReeva ngesandla sesoka layo okwabe kungumgijimi odume umhlaba wonke u-Oscar Pistorius.
Lo mgijimi okhubazekile kwesingezansi wagwetshwa iminyaka eli-13 nezinyanga ezinhlanu ngalesi sigameko. Phambilini ekuqulweni kwecala lakhe uMehluleli uMasipa wayemgwebe iminyaka emihlanu kodwa kwaba nesikhalo nxa zonke, isigwebo sanyuswa. Ngokomthetho wezokuhlunyeleliswa kwezimilo, i-Correctional Services Act, wonke umuntu uyakwazi ukuthola ushwele emuva kokudonsa ingxenye yesigwebo sakhe, ngakho uPistorius ungomunye wabangase badedelwe kungekudala.
Phambilini kwake kwaba nokudideka ngokuthi yini eyayizokwenzeka odabeni lukaPistorius, kodwa emuva kokuxoxisana kwabammeli nokubheka ukuthi uthini umthetho, kufinyelelwe esivumelwaneni sokuthi naye uyafana njengazo zonke iziboshwa ngokuba namalungelo.
Ummeli wabakwaSteenkamp uthe, kwasekuqaleni lo mndeni wawuvele ushilo ukuthi awunankinga uma kumele adedelwe ejele, “ngumthetho okumele udlale indima yawo.”
UReeva wadutshulwa ezintatha endlini ayehlala kuyo nalo mgijimi ePitoli. Ebufakazini bakhe uPistorius wathi wathatha isibhamu wahloma ngoba esola ukuthi kunesigebengu endlini yangasese. Omakhelwane bathi ngalobo busuku kwakunomsindo futhi bakuzwa nokuqhuma kwesibhamu kepha basaba ukusondela.