Seledume ledlula lazithatha izihlangu ze-KZN
Usuku lwangesonto mhla zili-18 kuZibandlela luzongena emlandweni njengalelo olumqoka. Lolu kube wusuku lwesinqumo emqhudelwaneni emibili; owokuqala ube yilowo kanobhutshuzwayo weNdebe Yomhlaba lapho bekugadulisana khona iFrance kanye ne-Argentina. Njengoba bekulindelekile kulo mdlalo bekuqhansa izinhlansi, kungongaphansi nongaphezulu. Sekungumlando ukuthi lugobile uphondo kwi-France yedlula i-Argentina.
Ngalo usuku olufanayo izithunywa ebezivela ezifundeni ezehlukene nezingamalungu eqembu elibusayo i-African National Congress ( ANC) bezibuthelene eGoli nokuthe izolo zavotela ubuholi obusha . Nalapha bekungongaphansi nongaphezulu phakathi kwabathile nabasekwa zifundazwe ezahlukene. Kuningi ukuqagela obekukhona ekutheni ngobani abazodla umhlanganiso kepha kube sekucaca namuhla ngesikhathi kumenyezelwa uMengameli uRamaphosa nesiledi sakhe njengalabo abaphumelele.
Kukho konke lokhu undabamlonyeni yisifundazwe iKwaZulu-Natal. Lesi sifundazwe sishaywe yinduku kabili endaweni eyodwa njengoba nakulokhu izithunywa zakhona zizobuya zilambatha Okwehlule iKwaZulu-Natal akukukhulu kubili nje, empeleni kuthathu.
Okokuqala njengakuqala kabafundanga I isisho sabadala esidala esithi eyesongo (impi) kayiphumi ekhaya ngoba kayibuyi. Lokhu abadala babe kusho bengadlali ngoba babebuka ubungozi bezingane zandawonye eziya empini zixabene. Izimbangi njengoba zenza ngokwedlule zibadwengule kwakubi abaKwaZulu-Natal njengoba kungekho noyedwa kubo ongenile. Lokhu akuqali kokuba bangathandani bangavumelani, kwaba yiso leso nakuMchunu nowagebhula abaningi baya ngakuRamaphosa nakulokhu bakhona abafulathele isifundazwe bavotela abanye ngoba bebona khona ukuthi ekhaya kabafunwa muntu.
Okwesibili kube yindlela abaziphathe ngayo nokuvele kwabanye ngokuthi bangamabhoklolo. Ukuhebeza kwabo uMengameli nokungena kwaloyo owayenguMengameli uZuma uRamaphosa ekhuluma kube nomthelela. Ezinye izithunywa lokhu kuzinengile ngoba kuveze isithombe somholi ongabahloniphi abanye- kulokhu uZuma neKwaZulu-Natal ingene emgogweni ebibekelwe wona, yavela njengosidlame.
Okwesithathu wukuvela njengabantu abeseka uMkhize ngenxa yobuhlanga. Lokhu kungenzeka ukuthi akulona iqiniso njengoba kukhona abathi uMkhize uhamba neKwaZulu-Natal ngenxa yabo ubuhlanga. Lokhu bazamile ukukugwema ngokufaka abantu abavela kuzo zoinke izifundazwe kepha ababekutshalile baphumelele ukuba benze ibhantshi libalingane abaKwaZulu-Natal. Imiphumela lena isho khona ukuthi seledume ledlula, laduma lazithatha izihlangu zeKwaZulu-Natal lazithatha izihlangu zikaZweli ezalwa kwaMkhize kwangandaba zalutho. Zamthatha uMdumiseni ezalwa kwaNtuli kwangandaba zalutho, zamthatha uZuma wakwaDakw; udunuse kwangandaba zalutho koludumayo .