U-Cesária Évora nengcwenga yomhlaba


Ungalihamba lonke izwekazi i-Afrika nokuhlukana kwalo ngezilimi, kodwa okufike kuhlanganise ama-Afrika umculo nesigqi sakhona esingefaniswe nalutho.
Okwenza leli zwekazi lihluke kwamanye indlela isigqi sakhona esihluke ngayo. Akukhathalekile ukuthi umculo ungolimi lwesiZulu, isiNdebele, isiShona, iSiswahili noma isiPutukezi, kodwa isigqi siyazisho ukuthi ngesase-Afrika okungenye yezinto ezibumba izizwe ngezizwe.
Omunye umculi osephumelele ukuhlanganisa izizwe ngomculo wakhe uCesária Évora. Wazalwa zingama-27 kuNcwaba we-1941 eCape Verde okuyisiqhingi esidume ngokukhiqiza abaculi abayibekile induku ebandla emhlabeni jikelele.
Ngonyaka we-2004 wahlonishwa ngendondo iGrammy nge-albhamu yakhe esihloko sithi Voz d’Amor. Uzakhele igama ngokungena esteji engazigqokile izicathulo okungenye yezinto eyayenza abalandeli bakhe bambheke ngendlela ehlukile. Akubanga indlela elula eyayibheke empumelelweni yakhe ngoba eseneminyaka eli-10, wayiswa esikhungweni sezintandana ngoba unina ehluleka ukubondla nezinye izingane zakwabo eziyisithupha.
Lokho kwamqinisa kakhulu okungangokuba eseneminyaka eli-16 waqala ukucula emkhunjini owawutetemuka izivakashi wasePortugal owawuhambele eCape Verde. Kusuka lapho iphimbo lakhe lazwakala eziteshini eziningi zemisakazo kuleli lizwe.
Inkakha yomculi waseCape Verde uBana wamcela ukuba ayocula kanye naye ePortugal ngowe-1985, okwaba uhambo lwakhe lokuqala phesheya kwezilwandle. Kukulolu hambo lapho umdidiyeli womculo waseLisbon uJosé da Silva amqaphela khona wabe esemfaka ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha.
Le ngqayizivele yethuba yaholela ekutheni aqophe umculo wakhe eParis, eFrance. Ingoma yakhe ayiqopha lapha ethi Ausência yaqanjwa umculi waseYugoslavia uGoran Bregoviv. Indlela le ngoma eyaduma ngayo kwenza nabadidiyeli bengqayi i-Underground bayisebenzisa njengebika.