Amaciko achitha amahlebezi koluka AKA


Emuva kokusabalala kwevidiyo ezinkundleni zokuxhumana lapho owesilisa ephefumula ngokufa komculi weHip Hop ne Rap uKierman Forbes obaziwa kakhulu ngelika-AKA, ethi kungenzeka ukuthi abaculi baseThekwini bayazana nokufa kwakhe, nabo sebeziphendulele.
Kule vidiyo lona wesilisa uzwakala elibeka ngesihloko elokuthi abaculi kwelikabhanana kumele baphumele obala basho abakwaziyo. Izolo iCreative Art okungumfelandawonye wamaciko uziphungele kulokhu.
Umculi uT’zozo uthe kuyabaxaka okushiwo yilo mbhemu. Uthe bona bangamaciko futhi babumbene bayasebenzisana akukhathalekile ukuthi iciko ngelakusiphi isifundazwe.
Kusuka kuzwakale izindaba zokubulawa kwalo mculi nomngani wakhe uTebello “Tibet” Motsoane emgwaqeni uFlorida owaziwa ngobumnandi eThekwini, imiyalezo yendunduzo ingena ilakanyana emindenini. Usuku nosuku abantu bahambela indawo yesigameko bafike babeke izimbali njengophawu lokubhonga emswanini. Umphakathi nabaculi bakhala esifanayo ngokubulawa kwalesi sihlabani nomngani waso ngalolu hlobo.
Umndeni wakhe usucele umphakathi ukuba ushiyele uphenyo lonke emaphoyiseni ngoba hleze ukuphawula okukhulu okuqale kusuka kuzwakale izindaba zokubulawa kwakhe kuphazamise uphenyo. Kwi vidiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana kubonakala indoda ebifake ijakhethi emboze ikhanda igudla isondela ngakulo mculi ngesikhathi sebevalelisana nomngani wakhe, kanye nenye indoda yesibili abebehambisana nayo. Kuzwakala ukuqhuma kwesibhamu bese kubonakala le ndoda ibaleka iya kwenye yezimoto yaphela emehlweni.
UNobhala Jikelele we-ANC uMnu uFikile Mbalula uthe kungenzeka ukuthi ababulali bakhe bebemsophile bevele befuna ukuqeda ngaye.