Now Reading
Imbedumehlwana yenkinga yamanzi ezweni isingaba inhlekelele
Dark Light

Imbedumehlwana yenkinga yamanzi ezweni isingaba inhlekelele

Esikhathini esiyinyanga kuqale unyaka omusha cishe imibhikisho eminingi yomphakathi esibe khona ezweni ngethinta ukuntuleka kwamanzi nokunqanyulwa kokuthunyelwa kwawo ngaphandle kwezexwayiso. Kusuka kwelikaMthaniya kuze kuyoshaya esifundazweni iNorthern Cape kukhalwa esifanayo. Esifundazweni i-Eastern Cape sekuhluleke ngisho ukungenelela kukaHulumeni kaZwelonke ngodaba lokuntuleka kwamanzi.

EsenguNgqongqoshe Wezamanzi  uNks uLindiwe Sisulu wasola isandla esinoboya koMasipala abathile ngokuthi kunqanyulwa amanzi nje ukuze kuhlomule izinkampani zesikhulu emikhandlwini ezisebenzisana nezinkampani zangaphandle zamaloli amanzi ukuwathumela lapho esuke engekho khona.

Naphezu kokumiswa kwezikhulu kweminye imikhandlu njengeKing Sabata Dalinjyebo Municipality (KSDM) kwanhlanga zimuka nomoya.   IKwaZulu-Natal kubukeka kuyiyo  eshaywe yile nduku iphindelela ngoba kusenezindawo amanzi angakabuyi ngokugcwele kuzo kusuka kwahlasela izikhukhula zangonyaka odlule.

Izakhamuzi zizithola zikulesi simo nje,zisadunguza ebumnyameni ngenkanankana kagesi okungacaci ukuthi iyonqotshwa mhla kubusa yiphi inkosi.  ngesonto eledlule nasekuqaleni kwaleli elisongwayo, izikole ezithile eThekwini kusuka ePhoenix, Bothas Hill, KwaNyuswa, uMbumbulu kuze kuyoshaya eMnini bekuphoqeleka ukuba ziphume ngaphambi kwesikhathi ngenxa yamanzi.

Ufunda lolu daba nje iziguli esibhedlela iPrince Mshiyeni eMlazi zike zathwala kanzima ngenxa yokungabibikho kwamanzi kusuka ngoLwesihlanu olwedlule emuva kokuqhuma kwepayipi eliphakela lesi sibhedlela nezindawo ezisakhele. abagulelwayo bebephoqeleka ukuthi baphathe amanzi ngezigubhu ezingo 5 litres ukuze kusizakale abasesibhedlela.

 Ngonyaka odlule umphakathi wasoThongathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo uR32 ngamathayi avuthayo ufuna ukuba iMeya yeTheku uMnu uMxolisi Kaunda ize kuwo izochaza ukuthi kungani sekuphele isikhathi ungenawo amanzi.

Okuqaphelekayo ngokuntuleka kwamanzi ukuthi kugadla kuzona zonke izindawo nakulezo okwabe kungezezinhlanga ezithile kuphela. Impi yamanzi ingase igcine isiphenduke eyezepolitiki uma ingalungiswa njengoba namaqembu aphikisayo ezepolitiki eseqalile ukuba ngasohlangothini lomphakathi.

Ngempelasonto edlule umphakathi wezinhlanga ezahlukene ePhoenix, eVerulam, e-Ottawa, oThongathi zimashe kanye neDemocratic Alliance (DA) zifuna izimpendulo ngokunqanyulelwa amanzi. Okwenze kwacaca kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi sekungenelele nepolitiki ukubona umholi weDA esifundazweni uMnu uFrancois Rodgers okunguye obehola imashi.

See Also

Ekhuluma lapha uRodgers wathi, “Abantu sekubeme emphinjeni ukuphathwa ngalolu hlobo nezisebenzi zikahulumeni ezingawazi umsebenzi wazo. Abantu abagulayo kuchaza ukuthi kuzomele bahlale amasonto bengenawo amanzi,” kusho uRodgers.

UNks uLungile Phakathi, waseVerulam uthi impilo yabo inzima ngaphandle kwamanzi. Uveze ukuthi besabamba beyeka bebolelwa ukudla ngenxa yokuhamba kukagesi isikhathi Eisden, sebebhekene nenkinga entsha yamanzi.

“Isonto eledlule liphele golokoqo singenawo amanzi nogesi. Lena sekwaba yimpilo yethu yemihla ngemihla, sesifana nabantu abafe bephila. Sesiyaphoqeleka ukuthenga amanzi ezitolo ngezigubhu zo 5 litres okusidla imali,” kuphetha uNks uPhakathi.

Scroll To Top