Ubezobe engenzanga ngakhona engakhulumanga ngogesi


Ukube uMengameli uCyril Ramaphosa akakhulumanga ngenkanankana kagesi ezweni, enkulumweni yakhe yayizolo engoBume Besizwe, ibizothathwa njengokusinisa amahleza kwazise le nkinga isininde elakuleli emhlabeni nakosomabhizisinisi. Kubatshalizimali iNingizimu Afrika akuselona izwe ongathembela kakhulu kulo nongalondoloza ngenxa kagesi onqamuka mhla kwasa.
Kuqala unyaka nje kukhona izinkampani ezibuyekeza ukuqhubeka nokusebenza kuleli lizwe, ezimanqika ngenxa yokunqamuka kukagesi. Enkulumweni yakhe eNgobume Besizwe yangonyaka odlule ephawula ngokunqamuka kukagesi wathi, “Ukunqamuka kukagesi kuyaqhubeka nokuba nomthelela nokufaka ingcindezi emnothweni wezwe nakwinhlalakahle yabantu. Ngonyaka odlule (esho owezi-2021) sithathe isinyathelo sokwengeza amandla kumagenerator njengoba izwe lethu beliphakelwa ngama generator angaphansi ngamandla,”
Emphakathini ngokubanzi nasemaqenjini aphikisayo, izindlebe bezicijile izolo belindele ukuzwa ukuthi uMengameli kulokhu uzophawula athini ngogesi. Nyakenye wagxekwa ngokuthi kusuka athatha izintambo wenza izethembiso ezingabambeki, njengoba esikhundleni sokuthi kube ncono kuya ngokuba kubi kakhulu. Izolo noma kube khona ukunqamuka kukagesi kwezinye izindawo kodwa kuthe sekusondela isikhathi senkulumo kaMengameli kwamiswa.
KuMengameli kumqoka ukuthi zonke izakhamizi zikwazi ukuzwa le nkulumo ngoba ingumhlahlandlela wokuningi okusuke kubhekiwe. Nakulokhu inkulumo uyethule eCape Town City Hall selokhu kwasha iziNdlu zePhalamende ngasekuqaleni konyaka odlule.
Ezinsukwini ezedlule ebeziholela kule nkulumo bekukuningi ukuqagula ngokuthi uMengameli hleze akhulume esezenzile izinguquko kuKhabhinethi yakhe.
Lena bekungenye yezinkulumo ezinzima zikaRamaphosa selokhu athatha izintambo kuMnu uZuma ngowe-2018. Udaba lwemali eyatholakala epulazini lakhe iPhala Phala, inkinga engenamkhawulo yokunqamuka kukagesi nenkohlakalo esaqhubeka naphezu kweculo ahlale elishumayela lokulwa nenkohlakalo ngezinye zezinto ezenze yankulu intshisekelo kubantu yokuzwa ukuthi uzothini ngalokhu.
Njengoba ngonyaka ozayo kuyiwa okhethweni lukazwelonke iqembu elibusayo libeke amathemba kuye njengobuso balo, ngakho ukuphazama okuncane kungaba nemiphumela engemihle kuKhongolose. Emgwaqeni obheke lapho uMengameli abethula khona inkulumo bekuthe shayi ababhikishi abebeohethe izingqwembe ezinomyalezo ngenkinga kagesi ezweni.
Amaqembu ezepolitiki i-Economic Freedom Fighters (EFF) neNational Freedom Party (NFP) bathe bazoyiphazamisa inkulumo kaRamaphosa ngoba abakwazi ukuba bangaholwa umuntu ophambana noMthethosisekelo azibophezela kuwona.
Lapha bebekhuluma ngombiko kaMehluleli uNgcobo owathi uMengameli kukhona adinga ukuphendula kukhona ngePhala Phala.
UMengameli ubengeke azishiye ngaphandle izinto ezikhungethe izwe njengesibalo esikhulu sabangasebenzi, ukuntenga komnotho nezinhlelo zikahulumeni wakhe ekubhekaneni nale nkinga.
Umbiko ogcwele uzotholakala kwisizindalwembu namuhla.