Now Reading
Kwenye intsha ‘iyilumbo’ inkulumo kaMengameli
Dark Light

Kwenye intsha ‘iyilumbo’ inkulumo kaMengameli

“Kuyacaca ukuthi lentsha okukhulunywa ngayo njalo uma iziphathimandla zethula izinkulumo esizweni ngokuthi ikwazile ukuthola amathuba emisebenzi exhumene nabathile. Mina nje unyaka wesithupha lona ngisebenza engadini esikoleni nazo izitifiketi zami zasekolishi lezobuchwepheshe,” Lawa ngamazwi kaNhlanhla Ngubane wakwaNgcongangconga eBhamshela abewasho ngosizi kwelaboHlanga emuva kwenkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yayizolo ngoBume Besizwe. 

UNgubane uxoxisane nelaboHlanga ematasa ethumela izicelo zomsebenzi ezindaweni ezihlukene ehlela neCV yakhe izolo. Uthi akalilahlile ithemba ngoba uyilalelile inkulumo kaMengameli kepha uxakwa ukuthi pho yena nenye intsha asondelene nayo basala kanjani kula mathuba ahlala emenyezelwa njalo. Enkulumweni yakhe izolo kusihlwa uMengameli uthe ngonyaka we-2021 wamemezela ukuthi bazotholela umsebenzi abafundi abayi-10 000 abaphothule ukuqeqeshwa emakolishi ezobuchwepheshe abizwa ngamaTechnical Vocational Education Training (TVET). 

“Sidlule kakhulu kulesi sibalo esasizibekele sona, manje sibheke ukuthi ngonyaka we-2023 sifake ezinkampanini abafundi abaqeqeshwe kulama kolishi abangama-20 000,” kusho uRamaphosa. Ubuye wamemezela nokuthi bayalishumayela ivangeli ezinkampanini, iminyango kahulumeni kanye  nezinkampani ezingaphansi kukaHulumeni ukuba zisuse umbandela wokuthi umuntu omusha kudingeka abe nesipiliyoni somsebenzi ngaphambi kokuba aqashwe.

Uthe isibalo sabazongena emakolishi ezobuchwepheshe kulo nyaka sizonyuka sisuka e-17 000 siya kuma-30 000. Eseka lokhu uthe  enye into emqoka futhi eyisithako ekukhuliseni umnotho ukuheha abantu abanamakhono okuyinto edingwa kakhulu umnotho waseNingizimu Afrika. Ephawula ngohlelo lokuqashwa kwentsha uMengameli uthe bathathe isinqumo sokwehlisa intela, i-Employment Tax Incentives ezinkampanini njengendlela yokugqugquzela amabhizinisi ukuba aqashe kakhulu intsha. 

Uveze nokuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane usebenzisana noMgcinimafa ekuhlelembeleni uhlelo lesikhwama olubolekisa ngemali kulabo abaqala amabhizinisi amancane. Eqhuba uthe kusabhekwa nokuthi lolu sizo lungahamba kanjani luze lufinyelele nasemabhizinisini angabhalisile 

See Also

KuNgubane oqeqeshwe wagcina kuN5 kugesi eMthashana TVET College, konke okukhulunywayo kufana nephupho ngoba uma efaka isicelo enkampanini awusali umbuzo wokuthi amava akhe nesipiliyoni kuhamba kugcinephi. Uthi yena ubezifundisa ngemali yamatoho ngoba nokuthola umfundaze uma useTVET kuwumqansa.

“Uze ubone ukuthi izinto zihamba ngesinxele ngisho kuvela amatoho emphakathini ikhansela lizithathela abantu bemindeni abasesigungwini salo, uma ungayihambi imihlangano ungayishayi netoyitoyi ziyakhala,” kuzikhalela yena. UMbovu okuzothi ngoNtulikazi ahlanganise iminyaka engama-28 uthi empeleni useseminyakeni yokuzeka (ukuganwa) kodwa akakwazi ukuthatha ingane yabantu ayoyilambisa.

Scroll To Top