Now Reading
Kubashele abagebhule umhlaba kamasipala
Dark Light

Kubashele abagebhule umhlaba kamasipala

Kubonakala lizogaya ngomunye umhlathi kubantu abazakhela imijondolo ezindaweni zikaMasipala weTheku njengoba kuleli sonto abebezama ukudla umhlaba kamasipala ngejozi eSiphingo behlangabezane nezimbila zithutha.

Sekwaba yinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi njalo uma kuqala unyaka, kuvumbuke iqulu labantu ligxumeke imijondolo ezindaweni eziyishashalazi ezingakhiwe. Le miphakathi igcina ngokuhlala iminyaka kulezi zindawo ize ihlinzekwe nangezidingongqangi njengamanzi nogesi.

ESiphingo kunomphakathi osekuphele iminyaka engaphezulu kwengama-20 uhlala emijindolo owayigxumeka ngenkani. Kuvamisile ukuthi le mijondolo bayigxumeke bude buduze nemizi engamajalidi ekhokhelwa izizumbulu zemali. Kulokhu uMasipala ushaya phansi ngonyawo ngabazithathela umhlaba wakhe ngaphandle kwemvume.

Iqulu labantu eliqale ukugxumeka imijondolo ku-Alexander Road, eSiphingo likhishwe ngesankahlu umasipala kule ndawo. Umphakathi walapha ufake isikhalo ngalaba bantu. Isikhalo esikhulu kubahlali bekungukuthi laba bantu bese bengena ngaphakathi emagcekeni abo bakhe amanzi abanye bazixhumele ugesi wezinyokanyoka.

UMnu uKubengra Moonsamy othi usehlale iminyaka kule ndawo uthe akuqali ukuthi abantu bangene kulo mhlaba ngenkani. Uthi ngokujwayelekile kuba yiwo umphakathi obaphungayo usizwa izinkampani ezizimele zonogada.

“Kulokhu sithanda ukubonga indlela umasipala olusukumele ngayo lolu daba sathola nokuphefumula.”

See Also

Ilungu laBahlali Basemjondolo uNks UNoxolo Ngaleka uthe baningi abantu abadinga izindawo zokuhlala, abathenjiswa zona uhulumeni okumanje basahleli koLindela, ngakho bakuqonda kahle okwenziwa yilaba abadla umhlaba ngejozi. Uvumile ukuthi sebekhona nosomathuba kulo mkhankaso ababona intuba, bathathe umhlaba bakhe izindlu maqede baqashise ngazo.

Esitatimendeni uMasipala uthe angeke kwabekeselelwa ukungena emhlabeni ongahlelelwe ukwakhiwa kwezindlu ngaphandle kwemvume.

Scroll To Top