Now Reading
Naphezu kwezidumbu phansi azipheli mandla izinyokanyoka
Dark Light

Naphezu kwezidumbu phansi azipheli mandla izinyokanyoka

Kusuka inkampani ephakela ugesi i-Eskom iqale uhlelo lokunqamula ugesi ngenhloso yokuwonga, ziyanda izigameko zokufa kwabantu ngenxa kagesi oxhunywe ngokungemthetho. Lo mkhuba udla lubi emadolobheni amakhulu ezweni njengaseThekwini, eGoli naseKapa.

Izibalo ezingaqinisekisiwe zithi esikhathini esiyizinyanga ezingama-24 ezedlule balingaselwa kuma-250 abantu asebebulewe ugesi oxhunywe ngokungemthetho obizwa ngowezinyokanyoka.  Ngasekupheleni kowezi-2022 eThekwini kushone izingane ezili-10 ezingaphansi kweminyaka eyi-6 ngenxa yokushokhwa ugesi. Okwenza abantu balimale kakhulu ngenxa yalo ngesi kuthiwa ukubuya kwawo ngamandla uma ukade unqanyuliwe kwa-Eskom.  Akugcini nje ngabantu, sekunemizi eshayo kulimale nempahla.

Kukhona ukukhuluma okuthi uhulumeni ezingeni lomasipala ungagxekwa ngalezi zenzo ngoba esikhathini esiningi, lapho kusuke kuxhunywe khona logesi, kusuke kuyimijondolo engekho emthethweni kepha egcina isifakelwa izinsiza ngomasipala njengamanzi nawo ugesi.

Imikhankaso yamaphoyisa kamasipala ezindaweni ezihlukene nakuba ibanjwa zinsuku zaphuma kodwa ayitheli zithelo ngoba abantu bayabuyela ezindlini zabo bawuxhume ugesi.

Ezindaweni eziningi eGoli akusethusi ukubona izindlu zixhunywe ugesi wezinyokanyoka.

Ephawula ngalesi sihlava muva nje uMnu u-Isaac Mangena wakwaCity Power wabeka kanje:”Sizowuqinisa umkhankaso wethu wokulwa nokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho ezindaweni eziningi ezakhele iGoli ukuze silwe nokucekelwa phansi kwengqalasizinda yethu.” UMasipala waseGoli uwodwa kuthiwa ulahlekelwa imali eyi-R2 billion ngonyaka ngabadla ugesi bhusende. Ngaphansi kukaMasipala weTheku izindawo okukhalwa kakhulu ngazo ngeziseNingizimu yedolobha ezingoqhibukhowe.

See Also

Naphezu kwesexwayiso sakwa-Eskom lo mkhuba ubonakala uqhubeka nokudlondlobala. Esitatimendeni u-Eskom uthe, “Abantu bayaqhubeka nokuzixhumela ugesi naphezu kwezexwayiso yize sibatshela ukuthi njengoba kunokunqamuka kukagesi, uma usubuya uba namandla amakhulu.  Ukulimala nokufa kwabantu ngenxa yokuxhunywa kukagesi ngokungemthetho sekubonakala njengokuhamba phambili ekulimaleni nasekufeni kwabantu kulesi sikhathi,” kuphetha isitatimende.  Amaphoyisa athi eThekwini akulula ukulwa nalo mkhuba ngoba cishe usuwande ezindaweni eziningi.

Amaphoyisa athi akwazi ukungenelela kuphela uma kunemikhankaso kaMasipala waleli dolobha ngoba uma efika ngawodwana ezindaweni okuxhunywe ugesi ngale ndlela umphakathi uzithethelela ngokuthi usulinde iminyaka ulokhu uthenjiswa ugesi, futhi namakhansela awo ayazi ukuthi iyona ndlela lena ogcina usuyithatha noma ukuqonda kahle ubungozi bayo.

Scroll To Top