Inkulumo engahle icacise ngokuzokwenzeka kuHulumeni naku-ANC
Emuva kokumenyezelwa njengoMengameli ozophatha ihlandla lesibili osekubhekiwe kuMnu uRamaphosa inkulumo azoyethula mhla zi-8 kuMasingana wezi-2023. Ngalolu suku kusuke kubungazwa ukuzalwa kwe-ANC. Ukunikwa izithunywa ukuphatha ihlandla lesibili kungahle kumqinise akwazi nokuthatha izinqumo ngokungesabi. Inkulumo yakhe yomhla zi-8 ingase ihlahle indlela ngezinguquko ezingabonakala ngonyaka ozayo ezweni.
Kungenzeka asebenzise umgubho weqembu ukushayelela isipikili sokuthi kukhala isicathulo sakhe. Kulokhu inkulumo yakhe izobe ibhekwe kakhulu ngoba useyaziwa ngokuba iciko nokwenza izethembiso ingcabha bese iba sekufezeni kwazo izethembiso. Nenkulumo engobume besizwe eyethulwa ngoNhlolanja uzobe eqashelwe kakhulu ukuthi akagidi ndawonye ezithembisweni ezindala.
Amaqembu aphikisayo nezakwabo ezingamuzwisisi hleze zimphonsele inselelo uma ekhuluma ngenkohlakalo ngoba isiga sasePhala Phala simembule izinqe. Okunye okungahle kumfake kokunye ukukhuluma okuthi nasesigungwini esikhulu asiholayo kunabaholi abalandelwa yivumba lenkohlakalo. Igama likaMnu uGwede Mantashe obuyiselwe kwesikaSihlalo kazwelonke lavela ebufakazini beBosasa ngokuthi likhona intshontsho alithola.
UNkk uNomvula Mokonyane nelakhe laphatheka kakhulu ngomhlomulo ayewuthola kuMnu u-Agrizzi. Kubhekekile ukuthi avule unyaka ngokushintsha ikhabhinethi okuyinto aziwa ngokungabi nkamunkamu ekuyenzeni. Ukuphawula kukaNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu uDkt uMaDlamini-Zuma ngokuthi angeke kwamkhathaza nakancane ukukhishwa esikhundleni kucacise ngokusobala ukuthi imikhonto icijile.