Uyaqhubeka nokufaka ingcindezi ngokuxoshwa kwakhe eqenjini uMkhonto Wesizwe uMnu uJabulani Khumalo.
Ubeke iqembu leDA njengelishabalalayo futhi elizozuza emaqenjini afana ne-Action SA.
Amaqembu ezepolitiki aqhubekile nokuqinisa imikhankaso yawo, kwazise sekubalwa izinsuku ezingaphansi kwezili-10 ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
UMkhonto Wesizwe kuzomele uthole ozohola leli qembu ePhalamende emuva kokhetho kulandela isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo echithe iNkantolo Yezokhetho, iMK Party noZuma.
Kuzophela ukuqagula namuhla ekuseni lapho iNkantolo Yomthethosisekelo kubhekeke ukuba ikhiphe isinqumo ngokuthi uMnu uJacob Zuma uzokwazi yini ukuyomela iqembu lakhe uMkhonto Wesizwe ePhalamende uma linqoba izihlalo emuva kokhetho.
UMcKenzie uyithwalisa kanzima iDA eWestern Cape.
UMengameli we-African National Congress (ANC) uCyril Ramaphosa usegadle eqenjini uMkhonto Wesizwe (MK) ethi mancane amathuba okuthi lenze kahle okhethweni lwangesonto elizayo.
Emaqenjini ezepolitiki asethule ngokusemthethweni imiqulu yezethembiso zokhetho kubantu kusuka kuqale imikhankaso, kuncane kakhulu ekushoyo ngobuholi…...
Inhlangano i-African Transformation Movement (ATM) ithi iqembu elibusayo eZimbabwe, iZimbabwe African National Union-Patriotic Front (ZANU-PF) ayingavunyelwa ukuba ibe ingxenye noma ibheke ukhetho.
Inkinga yamanzi ezweni iyaqhubeka nokuba yimbi naphezu kwezethembiso zokushintsha kwesimo.
I-Information Regulator yethule umhlahlandlela ukuze iqondise ukuthi amaqembu ezombusazwe kanye nabantu abazimele ukuthi balusebenzisa kanjani ulwazi lomuntu siqu lwabavoti ngezinjongo zokukhankasa ngaphambi kokhetho.
Amaqembu ezepolitiki kuleli ayaqhubeka nokwenza imicimbi ngenhloso yokudlulisa umyalezo kubantu ukuze bezowavotela ngosuku lokhetho.
Kuyinto engephikiswa ukuthi eminyakeni edlule bekuphuma izidumbu ngenxa yombango wamaqembu ezepolitiki.
Zili-14 izinsuku ezisele ngaphambi “kosuku olukhulu”, okungusuku lapho abantu balapha eNingizimu Afrika beyobe begcwele zonke izikhungo zokuvota beyovota.
ISekela Lenhloko eNkantolo Yomthethosisekelo selikhiphe umyalelo liwubhekise kuKhomishini Ezimele Yokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), iqembu uMkhonto Wesizwe (MK) kanye nomnu uZuma.
IMeya yaseMfolozi uMnuz uXolani Bhengu ukholwa ukuthi amalunga e-Inkatha Freedom Party (IFP) akuloMasipala azolima enkulu indima ekutheni iqembu linqobe isifundazwe iKwaZulu-Natal.
USihlalo we-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli, ukhwele wadilika kuNgqongqoshe uDkt uNtuthuko Mahlaba emsola ngokwenza isikhangiso esiyimfundisoze nesihubhuza amanga okuthi nguHulumeni weqembu le-ANC owakha inkundla iMoses Mabhida.
Ukuzozethula kabusha KwaZulu-Natal kanye nokuqhuba imikhankaso emphakathini yiqhinga.
UMtungwa uqale ukuqashelwa ngabaningi uma kuvela ukuthi nguye owabhalisa igama uMkhonto Wesizwe ku-IEC.
Leli qembu yilo kuphela kwasematheni okuze kube yimanje elingakawethuli umqulu wezethembiso zokhetho kubantu yize usuke wasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
Isikhuni sibuya nomkhwezeli ngegidigidi lesikhangiso seDemocratic Alliance (DA) esikhombisa kushiswa ifulegi lakuleli njengophawu lokungqongqa kwezwe.
Umbango oshisa phansi wobuholi boMkhonto Wesizwe phakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uJabulani Khumalo ongumsunguli waleli qembu akuselula ukuba uthikameze izinhlelo zeKhomishini Ezimele Yokhetho.
Sisengundabamlonyeni isikhangiso sokhetho saleli qembu esikhombisa ukungqongqisa ngomlilo ifulegi lakuleli.
Ukungabikhona kobuholi obuqokiwe eqenjini uMkhonto Wesizwe kuyaqhubeka nokudala ukwehlukana kuleli qembu kulandela ukuvumbuka kolunye uhlaka oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal oluthi yilo olunamandla okuthatha izinqumo.