Usuku Lokhetho
Ubhalele uSteenhuizen incwadi evuthayo emnqumela ugwayi katiki.
URamaphosa kungqingentshe wokuqala nowokugcina.
Ziyime emthuneni ngokubambisana kwamaqembu kuzwelonke naseGauteng.
Ngaphambi kokumenyezelwa kweKhabhinethi ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano iFreedom Front Plus isibe ngelinye lamaqembu asezibophezele ngokuba yingxenye yalo hulumeni.
Ukuqagula ngozohola uMkhonto Wesizwe esikhundleni sikaSotswebhu Phalamende kuphelile njengoba leli qembu limemezele uMehluleli uJohn Mandlakayise…...
IPan Africanist Congress of Azania (PAC) ithi isamile ekutheni umhlaba kumele ubuyele kubanikazi bawo yize isiyingxenye kahulumeni Wobumbano.
Ngaphandle Kwezindlu Zombuso ePitoli namuhla ekuseni lapho kuzobanjwa khona umcimbi wokufungiswa kukaMengameli uCyril Ramaphosa, ababhikishi basemazweni angaphandle abahlala eNingizimu Afrika bese beqalile ukubhikisha bekhala ngokungalutholi usizo emazweni abo okuyimbangela yokufudukela kuleli.
Okhethweni lwangenyanga edlule lukazwelonke nolwezifundazwe lolu mbimbi luye okhethweni lunyamane kodwa iminkenke igqame emuva kokhetho lapho sekuqala izingxoxo zokubambisana kwamaqembu njengoba lingekho elikwaze ukuthola imiphumela eyanele yokubusa ngokuzimela kuzwonke.
Isikhundla sikaSomlomo wePhalamende kulokhu kuseyiso okusagiyw kuso imbokodo. USomlomo wokuqala emuva kokhetho lowe-1994 kwaba ngumufi uNkk uFrene Ginwala. Nguye owaba ivulandlela lembokodo kulesikhundla esimqoka kulesakhiwo.
Ukukhala kwamadlelandawonye e-ANC okuyiCosatu, iSACP, iSanco ngokulaxazwa kuhle kwenyongo yenyathi ekuthathweni kwezinqumo ezinqala ngokusebenzisana kwaleli qembu neDemocratic Alliance sekufane nokukhalela ubisi oseluchithekile.
Amaqembu amancane akhala ngokuthi ashiywe ngaphandle kuHulumeni Wobumbano oholwa i-ANC athi asazivulile izandla zokuxoxisana ngoba akholwa ukuthi analo iqhaza elimqoka angalibamba.
Zisezingeni eliphezulu izingxoxo zokuphothula isivumelwano sokusungulwa kukaHulumeni Wamaqembu Abumbene KwaZulu-Natal ozoholwa i-Inkatha Freedom Party (IFP).
Abe IFP bangahle baphoqeleke ukuma ne-ANC exoshwe ngabantu ngevoti.
I-DA kuyomela ibuke zonke izimo, ingabukeli imanje kepha nekusasa osekuseduze lifike.
Ngesikhathi eqokelwa kwesokuba nguNdunankulu kube nenhlokomo ekuthini uzofaka umfutho kuleli hovisi nokuyinto ayenze ngempumelelelo.
Kuwo onke amaqembu azophoqeleka ukuthi aqoke abantu akade ebechapha kuthangi lokhu.
Amalungu oMkhonto Wesizwe eThekwini ahlalele ovalweni kulandela ukubulawa kwelungu laleli qembu eMayville izolo ekuseni esigamekweni okusolwa ukuthi sihlangene nombango wezepolitiki.
Ingwevu ye-ANC uDkt uMathew Phosa uthi ukusebnzisana kwe-ANC neDemocratic Alliance okungase kwenzeke kuyobe kuyisivumelwano sebhizinisi esingahlangene nezifiso zezigidi zabantu baseNingizimu Afrika.
UMholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa uthi bazolinda uMkhonto Wesizwe ukuba uphothule zonke izindlela ozisebenzisayo ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho ngaphambi kokuba babheke ukuqala izingxoxo zokubusa ngokubambisana.
UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko uMnu uZizi Kodwa uthi akanalwazi ngamacala abekwe wona ngaphandle kobufakazi okukhulunywa ngabo okuthiwa bethulwa kuKhomishini Engokugwamandwa Kwamandla Ombuso eyayiholwa uMehluleli uZondo.
Ukube bekuya ngezifiso zeningi labantu baseNingizimu Afrika isifundazwe i-Eastern Cape besingabuswa kangcono i-United Democratic Movement (UDM) ngoba bebona kuseyilona qembu elinezimpande ebantwini bakulesifundazwe kune-African National Congress.
OwayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu uJacob Zuma, ongumholi weqembu uMkhonto Wesizwe (MK), uhlangane nabalandeli bakhe ngaphandle kweNkantolo YoKhetho eGoli ngoMsombuluko, wamemezela ukuthi impi yabo ne-Independent Electoral Commission (IEC) isekude ukuphela.
Udaba oluseyiva elingabanguleki ku-ANC lwemali eyebiwa epulazini likaMengameli uCyril Ramaphosa iPhala Phala yilo elingenza uKhongolose uzithole usekhoneni ngeqembu ozobambisana nalo kuzwelonke.
UKhongolose ungahle uphoqeleke ukuthi umeme izingwevu ukuba zizocubuza amagabade.